Usonga ukuthatha izinyathelo zomthetho okweletwa yiRichards Bay
ALFRED NGUBANE
USifiso Jomo Biyela ongusihlalo weRichard Bay usolwa ngokudlala umacashelana nesikhulu weqembu le-ABC Motsepe League athenge kulo abadlali.
UWelcome Mpanza, ongusihlalo woMsinga United utshele Impempe ukuthi iRichards Bay imkweleta uR800 000 ngokumthengisela abadlali abathathu ngokuqala kwesizini.
Laba badlali ngoBandile “Mzambia” Ndlovu, Nkululeko “Mkhulise” Miya, noThabani “Motsiri” Mthembu.
Ngokusho kukaMpanza, benza isivumelwano sokudayiselana ngalaba badlali ngesethembiso sokuthi bazokhokhelana ngokuhamba kwesikhathi.
“Kodwa uBiyela usesiphulile lesi sivumelwano njengoba engasayikhokhi nje imali yami.
“Sengizomthathela izinyathelo zomthetho manje,” kusho uMpanza obbezwakala ukuthi iyamnenga lento.
Imizamo yeMpempe yokuthola uvo lukaBiyela ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa muntu.
NolukaJames Dlamini, oyisikhulu kuleli qembu, belukhala lungabanjwa. Impempe ize yashiya umyalezo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.
Kuvele nokuthi akukhona okokuqala uBiyela ethatha abadlali emaqenjini adlala kwi-ABC Motsepe ngesethembiso sokuwanika okuncane kodwa agcine engakwenzanga lokho.
Kuvele ke kodwa sekuke kwavela kaningana ukuthi iRichards Bay inezingqinamba zezimali nokuyingakho ize yaqinisa ngabadlali abangenamava.
Laba badlali bavelela ngesikhathi Umsinga udlala emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship.
Ayemaningi amaqembu ayebafuna kodwa uMpanza wakhetha ukubanika uBiyela ngoba ezama ukumsiza njengomuntu wakubo.
FUNDA NALA: Kuvela okwenze uLepasa adube iBafana Bafana
Yingakho manje esekhala kangaka nje ngokuthi yena akasabenzi ubulungiswa ngokungafuni ukugcina isivumelwano sabo.