EzakamuvaIbhola

IPirates nomnyakazo wokukhuleka umdlali ngenkontileka entsha

Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uMakhehlene Makhaula, uzoqala izingxoxo zokwelula inkontileka kuleli qembu maduze. 

Inkontileka akuyo njengamanje izophela ekupheleni kwale sizini. Njengoba inkontileka kaMakhaula izophela, kusho ukuthi ngoJanuwari usengasayina kwelinye iqembu. 

Emizamweni yokuvimba isimo sokuthi kube namaqembu azibona engavuka ngalo mdlali. kuthiwa abaphathi beBucs sebeyasazi isimo sikaMakhaula futhi bazimisele ngokumelula inkontileka yakhe.

Ngokubika kwePhakaaathi, lo mdlali, obengukaputeni kuMaZulu FC ngaphambi kokujoyina iPirates, ulihlabe umxhwele ithimba labaqeqeshi. 

Kuthiwa lincoma ikakhulukazi ukuzinikela kwakhe eqenjini nokuzimisela kwakhe ukwenza kahle njalo uma enikwa ithuba lokudlala.

Lo mdlali oneminyaka engu-33 odlala esiswini ujoyine iBhakabhaka ngoJanuwari esuka Owuthwini.

“Angicabangi ukuthi kukhona umuntu ongakaze ahlabeke umxhwele ngoMakhaula selokhu ejoyine iqembu. 

“Uqale ngegiya eliphansi kodwa kuthe uma esezilungisile saqala sabona ukuthi muhle kangakanani nokuthi kungani eze kwiPirates,” kusho umthombo.

“Ungumdlali omuhle impela ozimisele ngomsebenzi wakhe. Indlela asebenza ngayo isho lukhulu ngaye. 

“Ngicabanga ukuthi yingakho umqeqeshi uRiveiro (Jose) emthanda kangaka nje. 

“Inkontileka yakhe izophela ngonyaka ozayo ngoJuni, ngakho kumele kube nezingxoxo mayelana nokwelulwa kwenkontileka. 

“Ngizwe kuthiwa abantu abasebenzisana nezinto ezinje sebemlungisela okuthile,” kucashunwe umthombo usho kanje.

“Kusesekuseni kakhulu, ngiyazi, kodwa kufanele uthathe isinyathelo ngokushesha uma kuziwa ezintweni ezifana nalezi.

FUNDA NALA: Usongela iRichards Bay ngomthetho okweletwayo

“Awufuni nokwenza umdlali acabange ngenye indlela futhi umyeke abe nezivumelwano namanye amaqembu.”