UDlamini uncome inkululeko ayinikwa uRiveiro eweza iBucs
UKabelo Dlamini uphinde wadlala ingcwenga esiza i-Orlando Pirates isunduze iChippa United endleleni ebheke emdlalweni wamanqamu kwiNedbank Cup.
Lo mdlali uyiqale kabi isizini njengoba asheshe walimala, wahlala ngaphandle isikhathi eside engadlali.
Nguye oshaye amagoli amabili iPirates inqoba ngo 3-1 kulo mdlalo obushubile, kuqiniswa nonyawo ngoMgqibelo ntambama.
“Ngibonga uMdali. Kube nzima ekuqaleni kwesizini kimi ngenxa yokulimala,” kusho uDlamini oqokwe njengomdlali ovelele.
“Ngijabule ukuthi sengibuyile ngoyalisiza iqembu lapho lingidinga khona.
“Umqeqeshi nguyena osenza sizethembe futhi usinika nenkululeko yokuzibonakalisa enkundleni sijabulele ukudlala.”
Ebuzwa ngokungena kowamanqamu, uDlamini ushaye ngamafuphi: “Ibaluleke kakhulu le, besiyidinga kakhulu.”
Umdlalo bewuqale uvuna iPirates futhi yasheshe yawathola namagoli. Bekuwumzuzu wokuqala ngesikhathi ithola elokuqala.
Kube yibhola ebelibekwe phansi, lathathwa uKabelo Dlamini, walinamathisela enethini, wagcina ngokulikhomba uStanley Nwabali.
Ubuyile uDlamini ngomzuzu ka-41, washaya elesibili, kwabukeka kuzoba wumqansa kwiChippa ukubuya.
Ibuye ekhefini seyinomdlandla owengeziwe iChippa, futhi ilitholile igoli elibonakale liyibuyisela emdlalweni.
Lishaywe u-Elmo Kambindu ngomzuzu ka-63. Kodwa kuthe isibheke ukuthi ingathola elokulinganisa, kwavele kwabheda.
UTapelo Xoki ushaye elesithathu lePirates elenze kwacaca ukuthi eMnyama ibheke eMbombela ngoJuni 1.
UTHI BEWAZI: Kunabadlali abadala kunoMokwena kwiPremiership
IChippa iqede ingasaphelele njengoba uBienvenu Eva Nga ekhishwe ngekhadi elibomvu sekusele imizuzu eyisishiyagalolunye umdlalo uphele.