EzakamuvaiNedbank Cup

Ukunqoba kwiNedbank Cup kulungise ‘iSimo’ – Simo Dladla

USimo Dladla, ongumqeqeshi weMaritzburg United, ujatshuliswe wukuthi baqede ishobolo lokunganqobi ngesikhathi bedlulela phambili kwiNedbank Cup ngeSonto.

IMaritzburg United ichilizele iPaarl United eceleni kalula emdlalweni obusePrincess Magogo Stadium ngeSonto ntambama. 

Inqobe lo mdlalo ngo 3-0 wamagoli oBantu Chingi, Reuben Van der Ross no-Andiswa Sithole. 

Umdlalo bewungelula futhi iMaritzburg kudingeke isebenze ngokuzikhandla ukunqoba kuleli qembu laseWestern Cape.

USimo Dladla uveze ukuthi okumjabulise kakhulu wukusheshe bashaye igoli, bazehlisele ingcindezi. 

“Asiyibongele iPaarl United, ngicabanga ukuthi benza into enhle,” kusho uSimo Dladla ngemuva komdlalo. 

“Indlela abadlale ngayo namuhla ayikhombisi ukuthi badlala ezingeni eliphansi.

“Bebehleke kahle yonke indawo obekwenza kube nzima ukubahlakaza. 

“Ngijabule ngokuthi sisheshe salishaya igoli ukuze sehlise imimoya ngoba size kulo mdlalo ukuzethemba kuphansi.

“Sagcina ukunqoba ngoNovemba nyakenye. Emidlalweni emibili esisayidlalile kulo nyaka besingakanqobi. 

“Ngakho ukuzethemba bekuphansi. Besiwudinga lo mphumela, besiwadinga nalamagoli esiwashaye namuhla.” 

Umdlali oqokwe njengobevelele kulo mdlalo, uSinamandla Zondi uthe uSimo Dladla ubebaxwayisile ngobungozi bokuthatha kancane lezi zimbangi.

“Umqeqeshi usixwayisile, wasidonsa ngendlebe ukuthi singalinge sibathathe kancane,” kushi uZondi. 

“Uthe sibahloniphe kodwa siwashaye amagoli futhi sidlale ngokuzimisela. Yilokho esikwenzile. 

“Singabadlali siyazikhandla ejimini nasemdlalweni bese sizama ukulandela lokho esisuke sikwenza ejimini.”