Inkakha yeBafana isiyawangabaza amandla kaBroos
USiyabonga “Bhele” Nomvete ukholwa ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uma ehlulwa emidlalalweni yokuzilungiselela nakwi-Africa Cup of Nations uyovakasha nje.
IBafana ingenile kwi-Afcon ka-2023 ezodlalelwa e-Ivory Coast ngoJanuwari. Le midlalo kwakumele ibe ngoJuni kodwa yahlehliswa ngenxa yesimo sezulu e-Ivory Coast ngalesi sikhathi sinyaka.
“Uyabona, abadlali beqembu lesizwe badinga ukuzethemba… Kwehlile kakhulu,” kusho uNomvete.
“Kungakho ubona abalandeli bebhola kuleli bengasayibuki nje iBafana Bafana, yingoba ayiyidilivi nhlobo imiphumela edingwa ngabalandeli.
“Umuntu uyibuka kanye ishaywe ngamagoli amaningi kube isimxoshile. Abalandeli bobuyiswa imiphumela emihle yeBafana Bafana.”
IBafana ibambane ne-Eswatini ngo 0-0 eGoli ngoLwesihlanu, yabe seyiya e-Ivory Coast yafike yabambana nayo ngo 1-1 ngoLwesibili ebusuku.
“Uyabona bazodliwa nakwi-African Cup of Nations bese bekhala ngelanga elishisayo e-Ivory Coast,” kusho uBhele ekhuluma neMpempe.
Ubekhuluma ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yakhe ehlose ukuthuthukisa ibhola lezikole, iSiyabonga Nomvete Schools Cup.
Umdlalo wamanqamu walo mqhudelwano udlalelwe ePrincess Magogo Stadium ngoLweishlanu.
Bekubhuqizisana iBhekisisa High School neKusasa Lentsha High School. Kunqobe iBhekisisa ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi.
FUNDA NALA: Usophe ukuvuka azithathe ngemuva kokulimala olaxazwe yiChiefs
Kulo mqhudelwano bekukhona ne-netball. UBhele ukhuthaze abafundi ngokuziphatha nokugwema izidakamizwa uma befisa ukuba ngoSiyabonga Nomvete bakusasa.