Angase avumbuke kwelinye lePremiership oxoshwe yiStellies
SIHLE NGUBO
Umdlali osanda kuxoshwa yiStellenbosch FC, uDarrel Matsheke, angase azitholele ikhaya elisha kwiChippa United.
UDarrel Matsheke (25), ukhulele kwiKaizer Chiefs kodwa nayo yagcina imchitha, kwangacaca kahle ukuthi inkinga ibikuphi ngoba ubethembisa.
Uke wabolekiswa kwiMoroka Swallows noThongathi FC, ngaphambi kokuthi aye eKapa kwiStellies.
Ufike kwiStellies wadlala kahle kakhulu kwacaca ukuthi uzozinza. Udlale imidlalo engu-12 wathola nemiklomelo emibili yomdlali ovelele.
Kuthe kusabhekwe lokho ngoMatsheke yavele yashiphelana neStellenbosch, wagcina ededeliwe.
Ngaphambi kwalokho Impempe ibibhalile ukuthi lo mdlali uzoxoshwa ngoba unakho ukuhlupha nobekwenza ukuthi abaphathi beqembu nomqeqeshi uSteve Barker, bashaye amakhala yize enekhono.
Imenenja yakhe, uGerald Baloyi iyakuchitha nokho ukuthi uxoshelwe ukuhluleka ukuziphatha.
UBaloyi uthi lo mdlali uxoshwe ngoba sekunamahlebezi okuthi usayine inkontileka yesibambiso kwi-Orlando Pirates.
Kodwa uBarker ukuvezile kuleli sonto ukuthi bobabili uMatsheke noKgaogelo Sekgota baxoshelwe ukuhluleka ukuziphatha.
Uthe bake bazama ukubatholela usizo lokwelulekwa kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya njengoba beze bagcina bebadedela.
FUNDA NALA: Mkhulu umsebenzi kaMammila kwiChippa – Kwanele Kopo
Uma uDarrel Matsheke egcina esayinile kwiChippa United uzobe eseya esifundazweni sesine eNingizimu Afrika njengoba eqale eGauteng, waya KwaZulu-Natal, waqhubekela eWestern Cape, njengoba engase aqoqe imithwalo alibangise e-Eastern Cape.