UHugo Broos uphawula ngokuya eBelgium kukaRele
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBafana Bafana ozoshiya maduze, uHugo Broos, uncoma isinqumo sikaRelebohile Mofokeng sokujoyina iRoyal Union Saint-Gilloise yaseBelgium.
Indaba esematheni kulezi nsuku eyokuthi lo mdlali waseswini we-Orlando Pirates, uzojoyina ompetha baseBelgium, futhi okuningi sekuqediwe ngaphandle kwezinto ezincane.
UMofokeng ngeke abuye neqembu lesizwe njengoba kuvela ukuthi usuke eLos Angeles waqonda ngqo eBelgium ukuyohlolwa isimo sempilo, ukuthi ungumqemane ngakho konke na.
Kuvela ukuthi lo mdlali, oneminyaka engu-21, uzosayina inkontileka yeminyaka emine neSaint-Gilloise, engompetha baseBelgium.
UBroos uthi ukuya kukaRele eBelgium kuyinto emjabulisa kakhulu.
“Ngicabanga ukuthi yinto enhle kuyena. Ngibona ezoqhubekela phambili,” kusho uBroos kwabezindaba.
“Kodwa futhi ngicabanga ukuthi ngeke ulindele ukuthi ngosuku lokuqala uzodlala ngoba uRele kumele aqine.
“Kukhulu kakhulu ukuncintisana eBelgium.”
Uma konke kugcina kuhlangene uMofokeng uzoba umdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ukudlalela iSaint-Gilloise, selokhu uPercy Tau afika eBelgium wenza izimanga.
UTau wayedlalela lona leli qembu ngesizini k-2018/2019, lapho ashaya khona into ecokeme.
“Ngicabanga ukuthi izinyanga ezinhlanu noma eziyisithupha bazomfakela ukuthi abe fithi ngokwanele,” kuqhuba uBroos.
“Uzoba umdlali othe ukuthanda ukuqina. Futhi-ke ungumdlali onekhono elikhulu.
“Uma nje eke wathola amandla awadingayo ukuqhudelana laphaya, ngeke kube nankinga, ngiyacabanga.”
UBroos, odabuka eBelgium,uzoyishiya iBafana Bafana ngemuva kokuyidlulisela kwiLast 32 yeNdebe yoMhlaba eqhubekayo e-USA, iseCanada naseMexico.
Bekungokokuqala ngqa emlandweni ukuthi iqembu lesizwe lakuleli lidlulele emzuliswaneni womkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba.
Kulindeleke ukuthi iSafa imemezele umqeqeshi omusha maduze ngoba imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (AFCON) iyeza maduze.

