EzakamuvaIbhola

Ukulimala kukaNtwari kungase kuvule amasango abanye kwiChiefs

SIHLE NGUBO 

Ukulimala kukanozinti weKaizer Chiefs, uFiacre Ntwari, ngesikhathi evimbele iRwanda emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), kungase kube ‘yisibusiso’ koyedwa phakathi kukaBruce Bvuma noBrandon Petersen.

UNtwari uphume ngomzuzu ka-69 eselimele emdlalweni lapho iRwanda igcine ishaye khona iNigeria ngo 2-1 kowokugcina wokuhlungela i-Afcon.

Ngesikhathi ephuma uNtwari iRwanda ibilandela ngemuva ngo 1-0. Nokho ibuyile yashaya amagoli amabili yagcina iyishayile iNigeria.

Akwaziwa ukuthi ulimele kangakanani uNtwari kodwa angase angawudlali umdlalo olandelayo weBetway Premiership (ngoba uthinteke idolo), lapho iChiefs izobhekana neRichards Bay FC, ePeter Mokaba Stadium, ngoNovemba 27.

Selokhu kuqale isizini uNtwari uyena ovimbela iChiefs. UBvuma noPetersen bebesalizwa ngendaba ijezi emidlalweni yeligi neyeCarling Knockout edlalwe yiChiefs.

Emdlalweni wokugcina weChiefs ibhaxabulwe kabuhlungu yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 eyiwashise ijezi kwiCarling Knockout.

Ngempelasonto iChiefs ibidlala kwiHome of Legends Cup lapho bekukhona iLamontville Golden Arrows, iMamelodi Sundowns, iChippa United, nawo Amakhosi.

Emdlalweni wokuqala iChiefs ibhekene ne-Arrows bekuvimbe uBvuma. Wenze kahle kakhulu njengoba iqembu linqobe ngo 2-0.

Kowamanqamu iChiefs ibhekene neSundowns bekuvimbe uBrandon Petersen. Umdlalo uphele ngo 0-0 kwathi sekukhahlelwa amaphenathi kwanqoba iChiefs ngo 5-4.

Umbuzo omkhulu owokuthi ubani ozovimba emdlalweni olandelayo weligi?