Uchaza usizi adlula kulo ehlushwa uMaweni owayedlala kwiDowns
USiyabonga Zulu ungomunye wabantu abanenhlanhla njengoba esadla anhlambvana futhi esephinde wathola ithuba lokudlala esigabeni esikhokhelayo.
Leli nxele elidlala emuva lisanda kusayinwa yiLa Masia edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Ubegcine ukubonakala kwi-All Stars ngo-2021 nakhona wayehlale isikhashana, kwabe sekumbhedela.
Uze uzithola esentunta nendishi nje wake waba ngomunye wabadlali okwakubhekwe baye kude ngebhola kuleli.
Ngaleso sikhathi wayesayinwe yiMamelodi Sundowns isaccijwa uPitso Mosimane. Nokho ukujola kwakhe nenyanga yodumo, uGogo Maweni kwaba wukubheda kwezinto zakhe.
Uthi le ntombi yakhe, anezingane nayo, yayimhlukumeza ngendlela yokuthi waze wagcina ecwila otshwaleni, iSundowns yamkhomba indlela.
Yayikade imlande kwiPlatinum Stars la ayedlala khona kahle kakhulu futhi eselunguza nakwiBafana Bafana.
“Ubengihlukumeza kakhulu. Ubeze athole indawo yokuhlala ngala ngihlala khona ukuze akwazi ukungihlukumeza kahle,” kusho uZulu kwiMetro FM ngoLwesine.
“Kuze kwafika la umqeqeshi (uPitso) esengibuka ngelinye iso. Wayengayithandi lento eyayenzeka.”
Uthi nangaphambi kokufika kwiSundowns, wayevele ephila kanzima njengoba uMaweni wayemhlupha, waze wazama nokumbulala.
“Kwakungapheli izinsuku ezintathu kungafikanga amaphoyisa (ejimini) ezongibopha. Cishe ngaboshwa kwaze kwakathathu ngiseRustenburg.
“Wayesuka eJozi aze ejimini. Wayefika ethi ngimdlengulile, kudlule isikhashana athi ngimshayile.
“Kodwa kwakuthi uma sekumele siye enkantolo, kube nezinkinganyana agcine engafikanga bese icala lisulwa kanjalo.”
Ube eseveza nokuthi uMaweni wake wathumela abantu kubo ukuba bazombulala, kodwa ngenhlanhla yakhe bafica engekho.
“Wake wathumela abantu endlini kukhona nabantwa. Endlini yasekhaya kukhona nogogo.
“Kwathi uma efika endlini, ngenhlanhla ngangiqeda kuphuma nje. Kwathi kusaphele imizuzu eyishumi ngiphumile wathumela abantu ukuba bayodubula.
“Ngaleso sikhathi kukhona nabantwana nogogo endlini. Badubula, cishe amahlandla ayisikhombisa.”
Ube esebuzwa ukuthi njengoba lezi zinsolo zinzima kanje, wazi kanjani ukuthi uyena uMaweni othumele abantu.
“Ngakusasa wabe esefaka ezinkundleni zokuxhumana. Wathi unethemba lokuthi kukhona abafile,” kuchaza uZulu.
FUNDA NALA: UDolly uhlambuluka ngengcindezi yokudlala kwiChiefs
Ukuvezile nokho ukuthi yena akakholelwa wukuthi lo sisi kukhona amenza khona ngokwesintu njengoba eyinyanga nje.