UMngqithi uncome uFohloza, wagudla uRulani Mokwena
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uthi labo abashaya amakhala ngoRomain “Fohloza” Folz, osethimbeni lakhe labaqeqeshi, bazowagwinya kabuhlungu amazwi abo.
UMngqithi ukhuluma kanjena nje bakhona abashaya amakhala ngokulethwa kwiSundowns kwalo mqeqeshi osemncane oke waqeqesha iMarumo Gallants naMaZulu FC.
“Ngingabatshela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ngilethe umqeqeshi omuhle kakhulu eduze kwami,” kusho uMngqithi.
“Nalabo abakhuluma okungekuhle ngaye ngelinye ilanga uma bethola ithuba lokumuzwa, bayobona ukuthi yini ekwazi ukuyenza le ndoda esencane. Ngikholwa ukuthi wenza umsebenzi omuhle ngesikhathi ekwiMarumo Gallants, ngaphandle kokubuka imiphumela.
“Waletha uDion osengumdlali ophezulu kuMaZulu. Kukhona uToure kwiStellenbosch, kanti uLesiba Nku wenza kahle kithina kwiSundowns.
“Angilethi omzala (bami) nomalume emaqenjini ami, njengoba wabona ngenzani ngoMandla Ncikazi nomqeqeshi waseBrazil kwi-Arrows. Ngesikhathi ekuMaZulu (uFolz) ngake ngamumema ukuze ngiqonde indlela enza ngayo izinto nokumazi kangcono.”
Kube sokuba khona lapho sengathi uMngqithi ubegudla uRulani Mokwena abesebenza naye kwiSundowns. UMokwena uyena obeyinhloko yabaqeqeshi kwiSundowns ngaphambi kokuthi kuhlukane inhloko nesixhanti.
“Uma lo mfana (uFolz) ekwazi ukunikwa umsebenzi kwiFifa, ngu-Arsene Wenger, kukutshelani lokho. UWenger akeneliswa yinoma yini,” kuqhuba uMngqithi.
“Ngiyamethemba uFolz futhi ngiyayithanda indlela ayiyona. Empeleni ngiyathanda ukusebenza nabantu abangaziphakamisi njengoKennedy Mweene, umqeqeshi uSteve Komphela noWendell Robinson, abangalweli ithelevishini nokugqama. Ngethemba ukuthi konke lokhu kuzofakazeleka.”
ISundowns izobhekana nePolokwane City emdlalweni weMTN8 eLucas Moripe Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama. Komunye umdlalo weMTN8 kuzotholana phezulu iSekhukhune United neCape Town City, ePeter Mokaba Stadium, ngo-3 ntambama.