EzakamuvaIbhola

Kubuya abebekwiBafana, ungabazane ngoChaine kwiPirates

I-Orlando Pirates izodlala naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership sebebuyile abadlali ababili abebekwiBafana Bafana kodwa kusenokungabaza ngonozinti uSipho Chaine. 

UChaine uphume umdlalo uphakathi esiwombeni sokuqala ngoLwesihlanu ngemuva kokulimala. 

Ulimala nje lonozinti usanda kuzifaka ezinhliziyweni zabalandeli bePirates ngokudlala kahle aphinde avimbe amaphenathi amabili emdlalweni wamanqamu kwiMTN8 mubva nje.

Indawo yakhe ithathwe uMelusi Buthelezi obedlala okokuqala kusukela afika kuleli qembu laseSoweto esuka kwiTS Galaxy. 

Udlale kahle lo nozinti waseNquthu, akangangenelwa goli iPirates ishaya iCape Town Spurs ngo 2-0 kwiCarling Knockout Cup. 

UNkosinathi Sibisi noMonnapule Saleng nabo bebengekho eqenjini ngoLwesihlanu njengoba bebesand akubuya kwiBafana. 

“AmaBhakhaniya kungenzeka adlale engekho unozinti uSipho Chaine, ophume exhuga esiwombeni sokuqala sibhekene neSpurs,” kusho leli qembu esitatimendeni. 

“Lokhu kuzonikeza elinye ithuba kuMelusi Buthelezi, ongene ezovala isikhala edlala okokuqala ngqa. 

“ORichard Ofori noSiyabonga Mpontshane nabo bakhona futhi banamava kanti kusele kumqeqeshi uJose Riveiro ukuziqokela azoqala ngaye.”

FUNDA NALA: IChiefs ‘isililungisile iphutha’ eyalenza ngoNtseki 

IPirates izozifica zigawulwe zabekwa eThekwini njengoba naMaZulu esemuzweni omuhle njengoba eshaye iKaizer Chiefs ngempelasonto.