EzakamuvaIbhola

Kusinde ‘ogqihile’ kulimala inqwaba AmaZulu ebambana nePirates

Ubungafunga ukuthi kunentelezi embi esetshenziswe eMoses Mabhida Stadium emdlalweni weDStv Premiership obuphakathi kwaMaZulu FC ne-Orlando Pirates ngoLwesibili kusihlwa. 

Indlela abebelimala ngayo abadlali kulo mdlalo, beyingapheli imizuzu emihlanu engekho olele phansi odinga ukunakwa odokotela. 

Empeleni nje, kunabadlali abathathu abashintshwe ngoba belimele kulo mdlalo obekuqine kuwo unyawo. 

Omunye wabadlali owuqede esedele inkani lo mdlalo ngenxa yokuxinwa amajaqamba nguWayde Jooste oqokwe njengomdlali obevelele. 

Kuke kwanesikhathi la ithimba lodokotela kuMaZulu likhombise abaqeqeshi ukuthi abamshintshe uJooste. 

Kodwa lo mdlali ubekezelile, waxhugela khona waze wawuqeda lo mdlalo, ubonge ozakwabo ngokumeseka. 

“Bengingazi ukuthi ngizowuqeda umdlalo,” kusho lo mdlali ehleka ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo. 

“Bengilokhu ngihlaselwa amajaqamba futhi ngike ngazitshela ukuthi ngizophuma, kodwa ozakwethu bebengigqugquzela ukuthi ngibekezele.

“Le ndodo eyeqembu lonke. Sisebenze sonke sibhekene neqembu elikhulu. Sifake amandla amakhulu ukuthola umphumela sibhekene neqembu elikhulu.

Ngokwezinga, umdlalo awuzange ufike kwebelilindelekile njengoba womabili lamaqembu ebehluleka ukuhlasela ngendlela ecacile. 

Usuthu mhlawumbe lungaxoleleka ngokuthi izinhlelo zalo ziphazamisele esiwombeni sokuqala lulinyalelwa abadlali ababili. 

Kuqale uTarriq Feilies, walimala ngomzuzu ka-20, waphuma indawo yakhe yathathwa uVeluyeke Zulu. 

Kuthe ngomzuzu ka-38, naye uZulu walimala kwaphoqeleka ukuthi akhishwe, kwangena uThembela Sikhakhane endaweni yakhe. 

Nokho Usuthu alukhombisanga ukuthi selwenze izinguquko ebezingahleliwe njengoba lukwazile ukuyivimba iPirates ingazenzeli. 

NoVeli Mothwa akazange azithole sekumele avimbe amabhola anzima njengoba udonga lwasemuva lukwazile umsebenzela. 

UJooste uthe ukuthi bakwazi ukuqhubeka nomdlalo kube sengathi akwenzekanga lutho kukhomba ukuqina kweqembu kuzo zonke izinhlaka. 

“Lokho kukhombise ukuthi siqine kanjani njengeqembu kuzo zonke izinhlaka umaubheka iqembu esinalo. 

“Abadlali ababili basemuva balimalile, nakhishwa, kwangena abadlali ababili abadlala emuva kwesokudla kodwa sakwazi ukudlala kahle.” 

NePirates ayisindanga ekulimeleni kwabadlali njengoba uNdabayithethwa Ndlondlo ephume esanda kungena. 

Lo mdlali ungene esiwombeni sesibili, kodwa wathi uvimba ibhola lazishayisa kumdlali waMaZulu qede lamshaya kabana ehlweni. 

FUNDA NALA: Ujulile umsuka wezinkinga kwiChiefs, umqeqeshi uyisisulu nje

Uzamile ukuqhubeka kodwa kwasho ukuthi akuvumi khona, wagcina ekhishiwe kanti umqeqeshi wakhe uJose Riveiro uthe yingenxa yokuthi ubengasaboni kahle esweni lesokudla.