EzakamuvaIbhola

Ujulile umsuka wezinkinga kwiChiefs, umqeqeshi uyisisulu nje

Ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki kwiKaizer Chiefs ngenye nje yezindlela leli qembu elizama ngayo ukukhohlisa abalandeli. 

Ukuhamba kukaNtseki, nokungena kukaCavin Johnson kungenzeka kube yimpumelelo, kodwa amathuba alokho mancane kakhulu. Úkukhombisa ukuthi kwabona abaphathi abanasiqiniseko ngalokhu, bamnike umsebenzi njengomqeqeshii ‘obambile’ uJohnson. 

IChiefs beyivele isikhalela nje kuNtseki ngemuva kokwehluleka ukuthola uNasreddine Nabi. 

Lo mqeqeshi waseTunisia wakuveza ukuthi izingxoxo zakhe neChiefs zabhuntsha ngoba bengavumelani ngokuthi afike nabasizi bakhe ababili. 

Kwavela ukuthi leli qembu laseNaturena lalifuna asebenze no-Arthur Zwane noDillon Sheppard njengamaphini akhe. 

Sekucacile ke ukuthi lokhu kube yiphutha elibi kakhulu ngoba kwandisa ingciindezi kuNtseki engakaqali kwakusebenza. 

Abalandeli babevele bekhala ngaye, bebuka irekhodi lakhe lingakufanele ukuthi enganikwa lo msebenzi omkhulu kangaka ebholeni lakuleli. 

Omunye wabaqeqeshi abake banikwa umsebenzi wokuzama ukuhlenga leli qembu, uGavin Hunt, useke wakuveza ukuthi inkinga ikubaphathi. 

UHunt wafika ethenjiwe futhi nabalandeli bejabule ngaye kwazise unerekhodi elihle futhi ngaleso sikhathi babembanga ne-Orlando Pirates. 

Ufike ngesikhathi iChiefs ivaliwe ekusayineni abadlali, kodwa wakwazi ukufaka leli qmebu emidlalweni eyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League. 

Ekhuluma kwiDiski Talk With Luyolo ngasekuqaleni kwalo nyaka, uHunt waveza akutshelwa ngesikhathi exoshwa. 

“Ngatshelwa ukuthi, ngeke ngisho ukuthi ubani owasho lokhu,” kusho uHunt. IChiefs yaqeda ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombi aphezulu ngaphansi kukaHunt.  

“Kodwa kwathiwa singamane siqede endaweni yesithupha kwilogi, sikhihswe emzuliswaneni wokuqala kwiChampions League (kunokugxila kwiChampions League).”

Kodwa uHunt ukholwa wukuthi kukhona okwakuzokwakheka eqenjini ngokwenza kahle kwiChampions League. 

“Ngabe sengibatshela ukuthi, ‘okusho nigejile ke kulo mqeqeshi oyimi’ ngoba phela abanazo izifiso zezinto ezinkulu… 

“Ngaphoxeka ngokuxoshwa ngoba wakusele imidlalo emibili ukuthi ngisijike isimo, izinto zibe ngcono ngesizini elandelayo. 

“Mina ngangingenendaba nokuthi abantu bathini (ngebhola elidlalwayo) ngoba uma unqoba njalo kumele ngazi ukuthi wenza ngani. 

“Uma futhi unganqobi lutho iminyaka eyisikhombisa noma ngaphezulu, kusho ukuthi kumele ujike indlela owenza ngayo izinto. 

FUNDA NALA: URamoreboli weseka uNtseki, kugudleke iBucs ngesithombe

“Uma ufuna ukushintsha mina, akunankinga, kodwa uzosala nezinkinga ezifanayo nakumqeqeshi olandelayo,” kuchaza uHunt. 

Ngemuva kukaHunt iChiefs yabuyisa uStuart Baxter, naye wahluleka wancama, wakhonjwa indlela isizini ingakapheli. 

Ngemuva kwakhe kunikwe u-Arthur Zwane ngethemba lokuthi njengoba ekhulele eqenjini nje uzokwenza okungcono. 

Kodwa naye ugwilizile njengoba kugcine sekudlalwa ngoNtseki nje, enikwa umsebenzi okusobala ukuthi ungaphezu kwamandla akhe.