URiveiro ucacisa eyokusheshe amkhiphe uNdlondlo kowoSuthu
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usecacise ngesizathu esiholele ekutheni akhiphe uNdabayithethwa Ndlondlo ngemuva kwemizuzu engu-20 emfakile bebhekene naMaZulu FC.
UNdlondlo ungene esiwombeni sesibili ngesikhathi iPirates izama ukuthola igoli kulo mdlalo weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili kusihlwa.
Kodwa uthe ezama ukuvimba ibhola, walikhahlela qede lazishayisa kumdlali woSuthu, labuya lamshaya kabana ebusweni.
Lo mdlalo ugcine uphele zibambene ngo 0-0. Uthe uma ekhishwa uNdlondlo, wagijima waze wayosithela ezindlini zokushintshela ebonakala ukuthi akeneme.
UNdlondlo ubengene ethatha indawo kaSiphelo Baloni ngomzuzu ka-66 kodwa kwadingeka ukuthi akhishwe ngoka-85.
Kulabo abazibuza ngalokhu kushintsha okungajwayelekile, uRiveiro uchaze ukuthi lo mdlali wasesiswini ubenenkinga yokubona.
“Uthe ezama ukuvimba ibhola, lamshaya esweni langakwesokudla, ukusuka lapho iso lakhe belingasasebenzi kahle,” kuchaza uRiveiro.
“Iso lakwesokudla belingasaboni futhi abubonakalanga ubungcono noma seyenziwe imizamo yokumelapha. Yingakho sinqume ukuthi asivele simkhiphe.”
UNdlondlo ubefakwe kanye noZakhele Lepasa ngenhloso yokuthi amkhiphele amaphasi okuthi bazame ukuthola igoli.
FUNDA NALA: Kusinde ‘ogqihile’ kulimala inqwaba AmaZulu ebambana nePirates
Uyaziwa nangekhono lakhe lokukhahlelela ipali ekude nokuyinto cishe obekubhekiwe ukuthi ayenze kulo mdlalo.