UGrobler akanamona, uliphe uMatlaba igoli lesithathu
Omunye umdlali ubengakujabulela ukuthi aphiwe isicoco sokuthi ushaye amagoli amathathu – kodwa hhayi uBradley Grobler weSuperSport United.
Lo mgadli unique ibhola ngemuva komdlalo wezakhe neRoyal eziwunnqobe ngo 3-1 wamagoli ashaywe nguye womathathu emdlalweni weDStv Premoership obuse-TUT Stadium ngoLwesine kusihlwa.
Kodwa kuthe uma esekhuluma nabethelevishini ngemuva komdlalo, uGrobler waliphika elesithathu, wathi kumele linikwe uThabo Matlaba ngoba nguuye olishayile.
Kodwa ke uMatlaba ngeke akuthande lokho ngoba kuzosho ukuthi igoli lakhe lesibili kule sizini elibe umkhonto ogwaza ekhaya.
“Ngiyabonga… Kodwa angazi noma ngishaye amagoli amathathu ngampela yini ngoba ukukhuluma iqiniso nje, igoli lokugcine libe umkhonto ogwaze ekhaya.
“Kodwa ke, okokuqala okumele ngikwenze wukubongela iqembu. Siphuma ekutholeni umphumela onzima emdlalweni womkhumulajezi.
“Sibe neviki elibi. Asikujwayele ukushayelwa ekhaya futhi besiphansi ngemuva kokushaya. Ngijabule ke ngokuthi sikwazile namuhla ukuthola amaphuzu amathathu.”
ISuperSport ihlanjalazwe yiPolokwane City isibhaxabula ngo 4-1 emdlalweni weCarling Knockout Cup kuyo le nkundla ngeSonto.
Ubuye wayigcizelela eyokuthi igoli lesithathu kumele linikwe uMtlaba ngoba ibhola ligcine kuye ngaphambi kokuthi liqabule inethi.
“Impela, uMatlaba uyena ogcine ukuthinta ibhola, ngokwami. Kodwa ke singaphinde silibheke kwithelevishini ngoba kwenzeke ngokushesha.
“Kodwa ngokwami ligcine kuye ibhola,” kugcizelela lo mgadli osenamagoli angaphezu kuka-100 kwiPSL.
Nendlela ajabule ngayo liqeda ukungena yenze kwacaca ukuthi uyazi ukuthi akulona elakhe igoli.
FUNDA NALA: Uzosiza iChiefs inqobe izindebe umdlali wayo omusha
Kodwa cishe uMatlaba ubeyojabula uma uGrobler elithatha leli goli, engeza ngalo emxhakeni wakhe kunokuthi libalwe kuye.