Okwenze uJosef Zinnbauer agabhe iRichards Bay, aqome iRaja
By Njabulo Shezi
IRichards Bay isale ifana nensizwa eshiywe yisesheli sayoqoma osozimali ngesikhathi uJosef Zinnbauer ekhetha iRaja Casablanca yaseMorroco.
Lo mqeqeshi oke wacija i-Orlando Pirates bekubhekwe kube nguye ozothatha izintambo kwiNatal Rich Boys.
Kuthiwa izingxoxo phakathi kwakhe nosihlalo weRichards Bay, uSifiso “Jomo” Biyela bese zisezingeni eliphezulu futhi skeusele okuncane nje kuvunyelwane.
Kodwa kube sekuvumbuka omacaphuna kusale baseMorocco, bamnunusela ngezizumbulu zemali, naye wenza obekungenziwa noma wubani – waqoma yona.
“UJosef Zinnbauer ubheke okubekwe etafuleni, okweRaja bekukukhulu kakhulu,” kucashunwe umthombe usho kanje kwiFAR Post.
“Bakhokha neholo eliphezulu kakhulu. Uzokhumbula ke futhi nokuthi bake bafuna noPitso Mosimane (okusho ukuthi imali ikhona).
“IRichards Bay yona kuke kwavela ukuthi idonsa kanzima ezimalini ngasekupheleni kwesizini,” kuqhuba lo mthombo.
UJosef Zinnbauer wethulwe ngoLwesine kwiRaja ngesikhathi abaningi bebheke ukuthi uzotheleka kuleli esezoqala umsebenzi kwiNatal Rich Boys.
“Ngijabule ngikuthi ngigcine ngize lapha,” ucashunwe esho kanje lo mqeqeshi ngemuva kokwethulwa kwiRaja la evale khona isikhala sikaMondher Kebaier.
“Ngiyalazi leli qembu, ngilijwayele leli dolobha futhi ngiyabazi nabalandeli beqembu. Ngike ngabhekana nabo (ngesikhathi ekwiPirates) futhi ngizobalwela (abalandeli).
“Ngizolakha leli qembu libe yilento abayifisayo ukuze lifeze nezinhloso zalo zokuqoqa izindebe.”
Kuvela nokuthi uJosef Zinnbauer ukhululekile ukuziqokela yena amaphini akhe kanjalo nethimba lonke azosebenza nalo kwiRaja.
Lokhu kuvulela uFadlu Davids isikhala njengoba bebesebenza bonke kwiPirates. Kuthe nangesikhathi uZinnbauer eqashwa yiLokomotic Moscow eRussia, wamlanda uDavids.
FUNDA NALA: Akabasoli abamnqanda elwela ukuya kwiKaizer Chiefs oweStellies
Nakulokhu kungenzeka ke amlande, ikakhulukazi uma ehlulekile wukubuyisela iMaritzburg United esigabeni seDStv Premiership.