ISafa ithi ayiyiboni nencane inkinga konompempe bayo
Oyinhloko yonompempe kwiSouth African Football Association (Safa) u-Abdul Ebrahim, uthi akukho okuphuma eceleni okwenziwa onompempe emdlalweni phakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.
Kube nezinkulumo eziningi ngokuthi kulo mdlalo weBetway Premiership, kwaba negoli leSundowns elaliyi offside nokuthi eleChiefs elaphikwa akucacanga ukuthi kungani.
Ekhuluma ne-kickoff u-Ebrahim uthe akukho nompempe ozomiswa futhi akukho okubambekayo okukhombisa ukuthi izinqumo ezathathwa zaziphuma eceleni.
“Akukho nokuncane okuphuma eceleni abakwenza. Kulama vidiyo esinawo abukho ubufakazi obuveza lokho,” kusho u-Ebrahim kwi-kickoff.
“Mhlawumbe iSuperSport TV iyona okumele iphendule ngoba ukube sasinekhamera ngemuva kwamapali…ngifisa ukwazi ukuthi kungani bengenayo ividiyo ekhombisa lolo hlangothi.
“Yilowo kuphela umbuzo engingawuphendula. Omunye wangibuza ukuthi ngabe onompempe batholwa bemsulwa yini, akukho okuthile onompempe okwakumele bacutshungulwe khona.”
“Okwenzeka nje ukuthi iReview Committee yayibheka izigameko futhi kule vidiyo ekhona akukho okukhombisa into ephuma eceleni.
“Lapho sikhuluma ngezigameko zombili. Kulesi esithinta igoli lokulinganisa leChiefs kuvela ukuthi sengathi kwaba nokuphusha isitobha seSundowns. Kule vidiyo esinawo akucacile ngakho sihamba nesinqumo esathathwa enkundleni.”
Unompempe owayephethe umdlalo uSikhumbuzo Gasa, kanti wayesizwa uKhamisi Rwazwimisani noKamohelo Ramutsindela.