EzakamuvaIbhola

UMokwena uchaza ekaKomphela ‘abengasamfuni’ kwiDowns

URulani Mokwena usegeqe amagula ngabaqeqeshi aseke wasebenzisana nabo phambili nokuvela ukuthi ukusebenzisana kuphela sekumuncu. 

Kwake kwavela ukuthi ngesikhathi ekwi-Orlando Pirates akazwananga noMicho Sredojevic ayefuna ukumlawula. 

Sekuqashwe uJosef Zinnbauer kwaba muncu kakhulu, uMokwena esehluleka nawukujabula uma iqembu lisahaya igoli. 

Waze wagcina ebolekiswa kwiChippa United – okwakungokokuqala ukuthi umqeqeshi abolekiswe kuleli. 

Muva nje kusanda kuvela ukuthi wehlulekile ukusebenzisa noSteve Komphela obeliphini lakhe kwiMamelodi Sundowns, osekwiMoroka Swallows Manje. 

UKomphela wakuveza ukuthi wahamba kwiSundowns ngoba ezibona engasekho ezinhlelweni zikaMokwena. 

Kodwa uMokwena uyakuchitha lokhu, uthi nengoba yena engakaze azizwele uKomphela ekusho lokho, ngeke akukholwe. 

“Mina angizange ngimuzwe eso njalo (uKomphela). Ngingaqagela nje ngokubheka imuva lethu, futhi ngingakhuluma ngokohlangothi lwami. 

“Angizange ngimuzwe la eqoshwe khona esho njalo,” kusho uMokwena kwiMetro FM kulei viki. 

“Mina ngizokhuluma ngohlangothi lwami, into engizoyimela… Kusukela kubo bonke abaqeqeshi esengisebenze nabo kusukela kuMicho, uManqoba noPitso (Mosimane). 

“Bonke bayazi ukuthi ngingumuntu oneqiniso, ngiyazinikela futhi ubudlelwano obuhle bubalulekile kimi. 

“Ngilapha ngikhona nje namuhla kungenxa kaSteve KOmphela owanginika ithuba lokuba yiphini lakhe kwiPlatinum Stars kudala ngo-2009/10. 

“Ngakho nginokuziqhenya ngaye futhi ngiyambonga ngangenzela khona kodwa ngiyazi ukuthi naye ubesenezifiso zakhe zokuba ngumqeqeshi ozimele.

“Futhi lokho kumfanele ngoba nawe uyawubona umsebenzi omuhle awenza kwiMoroka Swallows. 

“Ngenxa yokuthi ubesakholwa wukuthi ufuna ukuba umqeqeshi yingakho mhlawumbe kube nzima kuye ukuthi enziwe iphini lomqeqeshi…”

Kodwa ke ube esechaza ukuthi naye uKomphela wawashintsha amaphini akhe ngesikhathi ekwiChiefs, ngakho uyakuqonda ukuthi kungani kwenziwa. 

“Uma ezothi, ‘uRulani ubengasangifuni ngibe yiphini lakhe’, ngicabanga ukuthi ungumuntu okahle ukukuqonda lokho ngoba useke waba ngumqeqeshi oshintshe amaphini.

FUNDA NALA: Okwenza uNcikazi abone iBucs ingazidalela kwiPolokwane

“Uyakuqonda ukubaluleka kokuthi umqeqeshi abe nenkululeko yokuziqokela yena abantu azosebenzisana nabo.”