Inkakha iveza eyokuzitshwa yiChiefs ngokuqeqesha abagadli bayo
SIHLE NGUBO
UMark Williams, owake wadlalela iKaizer Chiefs, uthi angayixazulula inkinga yamagoli ebukeka ilenzela phansi leli qembu laseNaturena.
Amakhosi akha inqwaba yamathuba kodwa ayehluleka ukubeka ibhola enethini ngendlela elindelekile.
Lokhu sekulimoshe kakhulu leli qembu elizithola lishaywa noma lidlala ngokulingana emidlalweni, yize lisuke lidlala ibhola elihle.
UWilliams, owayegijima kwiBafana Bafana, uthe useke wakuphakamisa kwiChiefs ukuyosiza abadlali kodwa bebengakamniki ithuba lokwenza lokho.
“Ngeke uzifake ngenkani uma abantu bengafuni. Sengike ngaya laphaya kathathu,” kusho uWilliams kwiRadio2000.
“Akukho ngisho mayelana nemali. Ngifuna ukusiza abagadli ngoba nginalo ulwazi.
“U-Ashley du Preez ungumdlali ongaba muhle kakhulu. Ngingabasiza mina bashaye amagoli.”
IChiefs izamile ukushaya amagoli ngempelasonto ngesikhathi ishaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup.
Kulo mdlalo ike yalandela ngemuva ngo 1-0 nobekubukeka sengathi kuzoba nzima ukubuya ngoba ibuye ihluleke ukushaya amagoli.
“Ngabatshela ukuthi bangangikhokhela noma yimali abayithandayo. Kodwa uma abagadli bewashaya amagoli ngifuna ibhonasi,” kuqhuba uWilliams.
“Ngenza okufanayo kwiSuperSport United, ngasiza abagadli bayo. Kodwa angiyena umuntu oncengayo.
“Ngifuna abantu bangithathe ngokolwazi lwami. Siyakudinga ukuba nabaqeqeshi babagadli, onozinti banabo abaqeqeshi. Ngingajabula ukusebenza noma yikuphi.”
UWilliams wayengalibheki ipali ngesikhathi zakhe kwiChiefs neBafana Bafana.
Washaya amagoli amabili abalulekile ngesikhathi iBafana Bafana inqoba iTunisia ngo 2-0 emdlalweni wamanqamu we-Africa Cup of Nations (AFCON) ngo-1996.

