Ishaye is’khala iChiefs idedela u-Akpeyi
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs idedele uDaniel Akpeyi obengunozinti wayo obenza kahle kakhulu yize ebebuye ahlale ebhentshini kudlaliswe uBruce Bvuma.
Lesi sinqumo sokudedela lo nozinti waseNigeria, osevimbela iMoroka Swallows, sibukeka sishaye eceleni kakhulu.
Njengamanje iChiefs inenkinga yokuthi unozinti emthembile, uBrandon Petersen, wenza amaphutha alimosha kakhulu iqembu.
Ekuqaleni kwesizini uPetersen ushiye abalandeli bebambe amakhanda ngamaphutha awenze iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns.
Kulowo mdlalo owaphela ngo 2-1 womabili amagoli eSundowns angena ngenxa yamaphutha kaPetersen.
UPetersen akenqeni ukuphasela umdlali wangakubo ibhola ebe ebona ukuthi uxinwe abanye endaweni eyingozi.
Kwenzeka esifanayo bebhekene neSundowns ibhola lagcina likhale phakathi.
Kwesinye isikhathi izandla zakhe ziyaxega bese alibambe alidedele ibhola ligcine ligaxele enethini.
NgoMgqibelo bebhekene neLamontville Golden Arrows, uPetersen uphinde adume ngazo.
Uphaselwe ibhola emuva eyedwa, walibala ukuthithiza kwaze kwafika umdlali we-Arrows uKnox Mutizwa walithatha walibeka phakathi.
Akuvamisile ukuthi unozinti abe namaphutha amaningi namakhulu kangaka okungangabazeki ukuthi alenzela phansi iqembu.
Umbuzo omkhulu ukuthi ngabe iChiefs yathatha isinqumo esiphusile ngokudedela u-Akpeyi?
Njengamanje inoPetersen, u-Itumeleng Khune noBruce Bvuma ongasabonakali ngisho ebhentshini.
Emlandweni weChiefs ayikaze ibe nenkinga yonozinti, kunalokho ibihlale ishaya ngabasezingeni eliphezulu.
Lapha singabala uWilliam “Cool Cat” Shongwe, uGary Bailey, uBotende Eshele, uWade du Plessis, uBrian Baloyi, uRowan Fernandez no-Itumeleng Khune.
FUNDA NALA: UPercy Tau usongela iSundowns ‘engasafani nakudala’
Bonke laba badlale into ebonakalayo kwiChiefs ngezikhathi zabo. Kodwa muva nje sekuyabheda. Ukulaxaza u-Akpeyi kuyacaca kwaba yiphutha.