Umengameli waMaZulu FC uwine i-lotto
SIHLE NGUBO
Umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, ungene ntshi emalini kulandela ukunikwa imvume yokuthi inkampani yakhe kube iyona ezokwengamela iNational Lottery neSport Pools kule minyaka eyishumi ezayo.
Inkampani kaZungu iSizekhaya Holdings, engaphansi kwiGold Rush Consortium, uyiphethe ngokubambisana noMoses Tembe.
Ukunikwa ilayisensi yokwengamela iNational Lottery neSport Pools, kuhambisana nesamba sika-R180 billion eminyakeni eyishumi ezayo.
Le layisensi usuke uwele ngelibanzi uma uyitholile ngoba abantu bahlezi bezama inhlanhla ngobuningi ukuwina i-lotto.
Ungqongqoshe wezoHwebo neziMboni, uParks Tau, bekulokhu kubhekiwe ukuthi amemezele inkampani entsha ezongena endaweni ye-Ithuba.
Ilayisensi ye-Ithuba yokwengamela iNational Lottery neSport Pools, iyaphela ngoMgqibelo (Meyi 31).
Kunovadlwana lokuthi ingase ingadlaleki i-lotto ngesonto elizayo njengoba iSizekhaya Holdings imenyezelwe ngoLwesithathu.
UZungu unawo amanye amabhizinisi angaphansi kwegama lakhe kodwa abathandi bakanobhutshuzwayo bamazi njengomengameli woSuthu.
AmaZulu abengaphansi komndeni wakwaSokhela iminyaka engu-16 ngaphambi kokuthi uZungu awathenge ngo-2020.
Usuthu luyiqede kahle kakhulu isizini njengoba luzibekisele indawo kwiMTN8, ngokuqeda endaweni yesithupha kwilogi yePremieship.
‘Ukuwina i-lotto’ kukaZungu nozakwabo ebhizinisini uTembe, kuyinto ezokwengeza enjabulweni elethwe ukuqeda kahle isizini kweqembu lakhe AmaZulu.
Ekuqaleni kwesizini ezayo Usuthu luzobhekana neStellenbosch FC, eqede endaweni yesithathu, kwiMTN8 okungumqhudelwano okuvulwa ngawo isizini kwiPremier Soccer League.

