EzakamuvaiNedbank Cup

Ungumlandeli wePirates unozinti weCasric Stars, ekhiphe iBucs kwiNedbank Cup

SIHLE NGUBO

Unozinti weCasric Stars, uWandile Mthombeni, obe nesandla esikhulu ekutheni i-Orlando Pirates iwashe ijezi kwiNedbank Cup, ungumlandeli omkhulu weZimnyama.

Lokhu kuvezwe nguyise ongusihlalo nomqeqeshi weqembu, uBucs Mthombeni, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.

IStars yenze obekungalindelwe ishaya iPirates ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi, emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup ophele ngo 0-0 emizuzwini engu-120.

UWandile uvimbe amabhola anzima abeza nePirates, ebambisene nodonga lwakhe, ngesikhathi somdlalo.

Nakumaphenathi lo nozinti wenze kahle njengoba ebasabise ngokwanele abadlali bePirates abawagejile.

UMthombeni (uBucs) uveze ukuthi uWandile wephule izinhliziyo zeqembu azifelayo ngalo kulo mdlalo.

“Bengiphakathi nendawo, indodana yami (uWandile Mthombeni) engangenelwanga yigoli, ingumlandeli wePirates,” kusho uMthombeni.

“Kanjalo nenye indodana yami, uMlondi, uwumlandeli wePirates futhi bazama ukunxenxa wonke umndeni.

“Okungenza ngijabule kakhulu ukunqobela abafana, ngoba ekhaya yimina kuphela nonkosikazi abangathathi hlangothi, kodwa bonke abanye bayiPirates.

“Bekukhona ukungabaza ukumqalisa ezintini, abadlali babuzile ukuthi unesiqiniseko uzozinikela ngokuphelele yini.

“Ngithe usayine inkontileka, uma engeke azimisele lapha, ngicabanga ukuthi umsebenzi wakhe uzoba sengcupheni.

“Vele bengizidlalela kodwa nomnewethu omncane akezanga enkundleni ngoba ubengazi uzoma kuphi, njengomlandeli wePirates.

“Ngicabanga ukuthi ubuke kwithelevishini ekhaya. Amalungu amaningi omndeni wami alandela iPirates. Ngiyamhlonipha usihlalo (u-Irvin Khoza) balale ngenxeba.”

Ukudlulela phambili kwiNedbank Cup kweCasric Stars, kuyinika ithuba lokwenza okwenziwe yiTS Galaxy ngo-2019.

IRockets, esekhona nayo kwiNedbank Cup ngemuva kokushaya iMamelodi Sundowns kwiLast 16, inqobe iNedbank Cup ngo-2019 ishaya iKaizer Chiefs kowamanqamu.

Ngaleso sikhathi leli qembu likaTim Sukazi beliyibamba kwiMotsepe Foundation Championship.

Amaqembu azobhekana kuma-quarterfinal, kwiNedbank Cup, azoqhathwa ngoMsombuluko eGoli.