Iphinde yazidalela iDowns kwi-Ahly, kodwa kusekude phambili
IMamelodi Sundowns iqhubekile nokukhonya kwayo uma ibhekene nezinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly, iyishaya ngo 1-0 ngeSonto ntambama.
Lamaqembu abeqhuthana amazenze eLoftus Verslfed Stadium emdlalweni weCaf African Football League.
Igoli leSundowns lishaywe uThapelo Maseko esiwombeni sesibili. Lo mdlali udedele udalimede weshodi engaphandle kwebhokisi.
Unozinti we-Al Ahly, uMohamed El Shenawy uzwe ngenhlokomo yabalandeli ukuthi inkomo isingenile engadini, ibhola seligaxele enethini.
Bekumele ngabe kuyiwe ekhefini iSundowns isinawo okungenani amagoli amabili ngokwamathuba ewatholile.
I-Al Ahly beyizihlalele emuva, ifuna ukubamba iSundowns ngokuyizuma kodwa lelo qhinga alangasebenza.
Umsebenzi ohlalele iSundowns usemningi ke nokho ngoba isazoyodlala ekuhambeni la kume idlale ngokubambana noma inqobe.
Cishe i-Al Ahly izobe seyidlala kangcono isisekhaya futhi yazi ukuthi kumele nakanjani inqobe lo mdlalo ngamagoli amabili noma ngaphezulu ukuze ingene kowamanqamu.
FUNDA NALA: URiveiro ukhuza ulaka lwabalandeli ku-Evidence Makgopa
Akungabazeki ukuthi womabili lamaqembu ayafuna ukuba ngelokuqala ukubhalwa kule ndebe entsha yeCaf.