EzakamuvaIbhola

Azeneme izikhulu zeChiefs ngonozinti owenza iphutha elilodwa njalo

Indaba kaBrandon Petersen ingase ifakelwe izibuko yizikhulu zeKaizer Chiefs njengoba zikhale kakhulu ngalo nozinti ngokwenza amaphutha afanayo adlisa iqembu. 

UPetersen uphinde waba budedengu, wahlulwa ukususa ibhola kuye lagcina lidla inethi yakhe ngesikhathi bebhekene neGolden Arrows ngempelasonto. 

IChiefs igcine igobe ngo 2-1 kulo mdlalo. UPetersen ubebuyiselwe ezintini ngumqeqeshi omusha futhi obambile kwiChiefs uCavin Johnson. 

“Izikhulu nabanye abasebenzi beChiefs babonakale beswacile ngemuva kokungena kwegoli lokuqala, futhi akudlulanga kubona noma sebethole igoli lokulinganisa. 

“Ubuzwa nje izinkulumo ukuthi kukhona okungase kwenzeke ngalo nozinti,” kusho umthombo obusondelene nalezi zikhulu eMpumalanga Stadium. 

Naye uJohnson kuvela ukuthi kuzomele akhuphule amasokisi uma ngabe efuna iChiefs imgcine njengoba engumqeqeshi obambile okwamanje. 

Lo mqeqeshi ufika nje izinto zivele zimapetukwane ngaphakathi kuleli qembu kanti uhlalelwe wumsebenzi wokubuyisa ukuzethemba. 

UJohnson uzoba nesikhashana sokucija kahle iqembu njengoba lizoze libuyele enkundleni ngoNovemba 8 seliyobhekana neCape Town Spurs.

FUNDA NALA: Iphinde yazidalela iDowns kwi-Ahly, kodwa kusekude phambili

Kuyothi ngemuva kwezinsuku ezintathu ukusuka lapho, bese ibhekana ne-Orlando Pirates emdlaleni wedabhi osuvele ubhekwe ngabomvu.