Aw, basebenzile abafana – iBafana idlulele phambili kwi-Afcon
IBafana Bafana isebenze kanzima ukuze igcine iqoqe iphuzu, ibambana ngo 0-0 neCartage Eagles yaseTunisia ngoLwesithathu ebusuku.
Umsebenzi owenziwa yiBafana ishaya iBrave Warriors yaseNamibia ngeSonto ubuyehlisele ingcindezi emdlalweni wangoLwesithathu.
IBafana iye kulo mdlalo seyivele izidingela iphuzu elilodwa ukuzibekusela indawo emzuliswaneni olandelayo kulo mqhudelwano.
Ukubambana ne-Eagles bekuzoqiniseka ukuthi iBafana iqeda endaweni yesibili, kungakhathalekile ukuthi kwenzakalani komunye umdlalo kaGroup E.
Kwenzeke kanjalo njengoba yabelane amaphuzu ne-Eagles, yazibekisela indawo emzuliswannei weLast 16.
Kulo mdlalo bekubhekene iBrave Warriors neqembu lesizwe laseMali kanti nawo uphele ingekho egoba uphondo, kuba u 0-0.
Lo mdlalo wayo nelaseTunisia awuphelanga kungenagoli ngoba nakhu amaqembu abengezami, kodwa kube wukuvala kahle emuva kwawo okudale lokho.
Womabili lamaqembu abevale kahle emuva. Nokho elaseTunisia alizange lifakelwe ingcindezi ngokwanele.
Umdlalo nokho uphele sekuminyiwe kwiBafana njengoba i-Eagles beyisizama konke engakwenza ukuthoola igoli.
Beyazi ukuthi uma umdlalo uphela zibambene ngo 0-0, kusho ukuthi bayaliwasha ijezi futhi babuyela emuva belambatha.
IBafana ibizidlalela kahle ingatatazeli, futhi ingajahi ukuhlasela noma ngabe ithuba liyavela.
FUNDA NALA: Ace Ncobo: I-Afcon ingigwinyise amazwi ami nge-VAR
ElaseNamibia lona selizolinga ukubona ukuthi liyakwazi yini ukudlulela phambili njengoba liqede endaweni yesithathu kuGroup E.

