Ezakamuva

Ucela usizo lwemali umndeni kaShakes Mashaba obambekile

SIHLE NGUBO

Umndeni kowayengumqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba, ucela usizo njengoba lo mqeqeshi ebanjwe yisifo sofuba ne-cancer.

UMashaba, oneminyaka engu-75, ulwa ne-prostate cancer nesifo sofuba (iTB) kanti akayitholi imishanguzo ye-cancer okwamanje.

Ngokusho kwendodakazi yakhe, uNonhlanhla Mashaba, bazama konke okusemandleni ukumtholela usizo lo mqeqeshi owayedlalela i-Orlando Pirates.

“Uyazama ukulwa nokuziqinisa. Okwamanje udla amaphilisi eTB, okuyinto nayo emkhinyabezayo,” kusho uNonhlanhla.

Uveze ukuthi udayise imoto yakhe ukuze agcine uyise ephilile, ngemuva kokumisa i-medical aid yakhe ngo-2023.

Njengamanje abanamoto futhi babhekene nesikweletu sika-R100 000 sezinto ezingakhokhelwe.

“Ukuhlala embhedeni usuku lonke akusizi ngalutho. Udinga ilanga nokuphuma egunjini lokulala,” kuqhuba uNonhlanhla, ojabulela isihlalo esinamasondo abasiphiwe.

Izibhedlela zikahulumeni azinayo yonke imishanguzo ayidingayo uMashaba.

Umndeni uyazama ukuhlanganisa imali yamakhemisi azimele, yize uvele unezikweletu ezindala.

“Kunzima. Abantu bazosho abakuthandayo ngokuthi kungani ubaba ekulesi simo kodwa abazi ngisho uhhafu wakho,” kusho uNonhlanhla.

Uveze ukuthi sebethembele kubantu akangabazi nhlobo.

“Siyabonga kakhulu. Yebo iseyinde indlela esizoyihamba kodwa sesibe nabaSamariya abasisize kakhulu,” kuqhuba uNonhlanhla ngemuva kokuvalashelwa ungqongqoshe waseGauteng uLebogang Maile.

“Ubaba ungumuntu olwayo ngokwendalo. Sinethemba futhi sithandazela izinsuku ezingcono.

“Nginomuzwa sokuthi uzobuyela esimemi ngoba ungumuntu olwayo.”

Labo abafisa ukwelula isandla bangasebenzisa let mininingwane eMzansi:

Bank: Capitec

Account Name: Nonhlanhla HP Mashaba

Account Number: 2552962315

Branch Code: 470010