EzakamuvaIbhola

UJunaid Hartley ubhoboka ngokubulala ikusasa ngezidakamizwa

Owayengumdlali wasesiswini weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uJunaid Hartley, usephumele obala ngokuthi ukudla izidakamizwa kumenze wasala dengwane futhi eyisinxibi emigwaqweni nokuthi wayiguqula kanjani impilo yakhe.

Ngemva kokuluthwa iminyaka eminingi edla izidakamizwa esibizwa nge-ecstasy, i-cat ne-crystal meth ezicekele phansi impilo yakhe, uHartley useneminyaka emibili aziyeka. 

Kumanje uqala kabusha impilo yakhe njengoba esethole umsebenzi emkhakheni womshuwalense futhi uneqembu lebhola aliqeqeshayo. 

UJunaid Hartley, owaphuma enkulisa yeWits University, wake wadlala ePortugal kwiVitoria Setubal naseFrance kwiLens.

Wadlala umdlalo wakhe kwiBafana Bafana eneminyaka engu-19 kodwa wagcina edlale imidlalo emihlanu kuphela. 

UMagic Feet, okuyigama lakhe lesidlaliso wayeyingxenye yeqembu laseNingizimu Afrika ngaphansi komqeqeshi uShakes Mashaba eNdebeni yoMhlaba ka-Under 20 eMalaysia ngo-1997. 

Washaya amagoli amabili bebhekene neFrance eyayibophee oMikaël Silvestre, William Gallas, Nicolas Anelka, Thierry Henry noDavid Trezeguet. 

“Uma ngithi bengilala noSathane, kuzobe kuwukuhloniphisa nje,” kusho uJunaid Hartley kwiTimes Live muva nje.

“Ngesikhathi esifushane ulahlekelwa ingqondo futhi uma uzibuka esibukweni njalo ekuseni, ubone umuntu ongamqondi kahle, usuke sewusenkingeni. 

“Uma ungasaboni nokuthi umeleni, konke okuhle okwenzile esikhathini esidlule akusekho futhi awusoze wakwazi ukuphinde uzimele.

“Into nje ekuhlumelelweni kwezimilo engenze ngaqala ukukholelwa ukuthi isimangaliso singenzeka wukuthi ngiyozibuka esibukweni ngathi, ‘Manje usengakwazi ukudonsa amehlo omuntu wesifazane’.

“Izingane zami azizange nakanye zangidelela. Kodwa lapho engabona khona ukuthi kuyabheda yilapho ngiya emicimbini yazo yesikole – bezibona ukuthi kuyabheda ngenxa yendlela engibukeka ngayo. 

UHartley uthe ukusebenzisa izidakamizwa kwamdonsela ekugembuleni, kwabe ukubheda kwezinto okokugcina.

“Ukuqala kwami izidakamizwa kwaba yi-ecstasy, kwase kudlulela kwi-cat ne-crystal meth futhi yilapho izinto zazisahamba kahle. 

“Ngokusebenzisa i-cat ngaqala ukugembula, ezinyangeni ezimbili kuya kwezintathu zokuqala i-casino yayingisiza ukugcina izidingo zami.

“Ngangiwumlutha wezidakamizwa kodwa kwakungabonakali ngoba ngangisebenza, ngisagcobisa neziqholo ezinuka kahle.

“Ngangisagqoka kahle ngisakwazi ukuhlangana nabanye abantu abanemali ngibukeke kahle nje. 

“Kodwa ngokuhamba kwezinyanga kwabheda. Kwashona umama ngabe sengidlulela kwi-crystal meth, kwaphela ngami.”