EzakamuvaI-Confed Cup

IChiefs izodlala oweConfed Cup bengekho abadlali abathathu

SIHLE NGUBO 

IKaizer Chiefs izobhekana neKabuscorp S.C.P yase-Angola emdlalweni weCAF Confederation Cup, bengekho abadlali bayo abathathu ababalulekile.

Amakhosi azokwamukela iKabuscorp emdlalweni womlenze wesibili weConfed Cup, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Lo mdlalo kumele iwunqobe ngo 2-0 iChiefs ukuze idlulele phambili kulo mqhudelwano wase-Afrika.

Emlenzeni wokuqala e-Angola iChiefs ishaywe ngo 1-0, nokuchaza kumele nakanjani ishaye igoli ngoMgqibelo bese ingalidedeli yona ukuze izibeke ethubeni lokuqhubeka nokudlala kwiConfed Cup.

Nokho kuzophoqeleka ukuthi yenze lokho ngaphandle kwabadlali bayo abathathu, uKhanyisa Mayo, uSiphesihle Ndlovu noPaseka Mako.

UCedric Kaze, oyiphini lomqeqeshi kwiChiefs, uchazile ukuthi kungani laba badlali bengeke babe khona kulo mdlalo obalulekile.

“Ngemuva komdlalo wethu odlule lapho besibhekene neMarumo Gallants, ngebhadi uMayo ngeke akwazi ukudlala,” kusho uKaze.

“UKhanyisa Mayo akakabhaliswa okwamanje (kwiCAF Confederation Cup).

“Usuku lokuvala lokubhalisa ludlule ngaphambi kokuthi afike kithina, ngakho kusasa (ngoMgqibelo) uzobe engekho noPaseka Mako kanjalo noSiphesihle (Ndlovu), abalimale emdlalweni wokugcina esiwudlalile.”

Kwesokunxele emuva iChiefs inaye uBradley Cross noNkanyiso Shinga, ngakho ngeke isokole kakhulu.

Endaweni kaNdlovu kungase kuqale uThabo Cele, kanti ukhona noGeorge Matlou.

UGlody Lilepo, ongawuqalanga umdlalo bebhekene neGallants, kulindeleke ukuthi aqale umdlalo ngoMgqibelo.

IChiefs ayishayi amagoli amaningi emdlalweni ngamunye, yize ivule isizini ngokunqoba imidlalo emine yokuqala yeBetway Premiership.

Kusemdlalweni kade ibhekene neStellenbosch FC lapho ishaye amagoli amabili yanqoba ngo 2-0.

Kuzomele ikushintshe lokho ngoMgqibelo uma izimisele ngokuqhubeka nokuyibamba kwiConfed Cup.