EzakamuvaIkhilikithi

NamaProteas aseyenze njalo iNew Zealand evulela isibhaxu

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika iphinde yayibhimcisela nxanye iNew Zealand, kulokhu iyibhaxabula kwiNdebe yoMhlaba yekhilithi ngama-run angu-190 emdlalweni wala mazwe wesikhombisa e-India ngoLwesithathu.

Bekungakapheli neviki amaBhokobhoko ephule izinhliziyo zeNew Zealand eshaya i-All Blacks ngo 12-11 kowamanqamu weNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo ngoMgqibelo, eParis, eFrance. 

Ne-England iyasazi lesi simo njengoba ishaywe yiNingizimu Afrika ebholeni lombhoxo nakwikhilikithi, ngosuku olulodwa emasontweni edlule.

Abashwibi baseNingizimu Afrika bebengayinike thuba iBlack Caps ebisukela umqansa ka-358 ukuze iwine. 

Bekubhoke uKishav Maharaj othathe amawikhethi amane, kwathi uMarco Jansen wathatha amathathu. 

INew Zealand iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala, kwabe izosile. 

Iqale yawampintsha amaProteas kodwa kuthe lapho eswabuluka khona, kwasuka lokho.

UQuinton de Kock uphume esenze ama-run angu-114 kanti lokhu bekuchaza ukuthi useshaye o-100 abane kule Ndebe yoMhlaba ka-2023, eqhubekayo e-India. 

Ngaphezu kwalokho ube ngumdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ukuhlanganisa ama-run angu-500 kwiNdebe yoMhlaba eyodwa.

Ukuphuma kukaDe Kock kushiye uRassie van Der Dussen oqhubeke kahle ededela odalimede bo-4 nabo-6. 

Uphume esenze ama-run angu-133, washiya uDavid Miller.

Ulishaye kwachwaza inkundla uMiller, wagcina ephume esehlanganise esenama-run angu-53.

IBlack Caps ibe isisalelwa wumqansa wokuthola ama-run angu-358 ukuze iwine nokuyinto eyehlulile. 

Igcine ikwaze ukwenza ama-run angu-167 kuphela kuma-over angu-35.3

Ukuwina kwamaProteas kusho ukuziphindiselela kwiBlack Caps ewashaye ngamawikhethi amane kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba ka-2015. 

FUNDA NALA: UProfessor uncoma isandla sikaKhenyeza kwi-Arrows

INingizimu Afrika ibuyele esicongweni  ngokushaya iNew Zealand kanti emdlalweni olandelayo izobhekana nosokhaya i-India engakashaywa, ngeSonto.