EzakamuvaIbhola

Owayedlala kwiCosmos uveza ubugovu nomgolo kukaJomo Sono

Owayengumdlali weBafana Bafana, u-Augustine Makalakalane, useveze ubugovu nokuthanda imali ngokweqile komnikazi nomqeqeshi weJomo Cosmos, uJomo Sono.

Yize uSono ehlonishwa eNingizimu Afrika ngamagalelo akhe kunobhutshuzwayo, kodwa uMakalakalane uthe wayefuna yonke imali ize kuyena, engenandaba nabadlali.

UMakalakalane udlale kwiJomo Cosmos ngaphambi kokuthi aye eSwitzerland ngo-1990.

Ngaleso sikhathi kwakunzima kakhulu ukuya emaqenjini aphesheya njengoba lwalungakapheli ubandlululo eNingizimu Afrika.

“Ngaya phesheya ngoba uJomo Sono wayengasikhokheli. Sasidlalela uthando kwiCosmos,” kusho uMakalakalane ekhuluma noThabiso Mosia kwiRadio2000.

“Wabenzela phansi bonke abadlali bakhe, mina, uHelman Mkhalele, uPhilemon Masinga noMark Fish.

“Wayithatha yonke imali. Wayesitshela ukuthi sizothola imali yokusayina engu-25% evela eqenjini (esiya kulona).

“Ngaleso sikhathi iqembu lalimnika yonke imali futhi babesitshela ukuthi bamnika izigidi.”

UMakalakalane udlalele iFC Zurich neFC Baden eSwitzerland, phakathi kuka-1990 no-1997.

Ngemuva kwalokho ubuyele eNingizimu Afrika ukuzodlalela iMamelodi Sundowns neWits University, phakathi kuka-1997 no-1999.

“Ngaya kwiGlascow Rangers noThomas Madigage futhi babefuna sisayine, kodwa uJomo wayefuna imali enkulu,” kuqhuba uMakalakalane.

“Ngathi uma sengibuya ngenza izifundo zobuthisha ukuze kuthi uma ngingaphinde ngidlale, noma uJomo ezama ukusiyisa phesheya futhi, kube nokuthize engizoziphilisa ngakho.

“Ngagcina ngizizamela mina inkontileka ngesikhathi ngiya kwiFC Zurich, futhi yonke imali yeza kimina ngoba ngangazi ukuthi uJomo uzongenzela phansi.

“Yingakho uJomo engakhulumi nami, mina naye asikhulumisani.

“Waze wathumela uWebster Lichaba ukuthi eze eZurich azongicela ukuthi ngimnike imali yokusayina.

“Ngathi lutho nje. Ngikahle lapha, ngingcono kakhulu kunengangiyikho kwiCosmos lapho ngangingatholi lutho.

“Okungasenani eSwitzerland ngangithola u-5000 noma u-6000 wama-Swiss francs.

“Kwaba yimina ngedwa umdlali owazidayisa. Yize eyiqhawe lami kodwa uMjomane wamcekela phansi uThomas Madigage.

“UTommy waya e-Europe ngaphambi kwami kodwa yimina engagcina ngimzalela ukuthi eze kwiFC Zurich.

“Ngakhuluma nomqeqeshi wami wase emnika ithuba lokuzibonakalisa. UMadigage waya kwiSporting Lisbon nePorto.

“UJose Mourinho wayefuna ukumsayinisa. UTommy wayefunwa eManchester yiCity ne-United kodwa uJomo wayefuna imali enkulu kakhulu.”