EzakamuvaIbhola

UJordaan uveza okusha ngekusasa lomqeqeshi weBanyana

Umengameli weSafa, uDanny Jordaan usekuqede konke ukuqagula obekukhona ngekusasa lomqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis.

UJordaan uthi u-Ellis akayi ndawo, usazoqhubeka nomsebenzi wakhe kwiBanyana Banyana. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokuhluleka ukungena kuma-Olympics, kube kuningi ukukhuluma kubathandi bebhola ngo-Ellis.

IBanyana ihlulwe yiNigeria ngo 1-0 emdlalweni wokuhlunga iqembu elizomela i-Afrika kule midlalo ezoba seFrance. 

Abaningi abekubeke ngembaba ukuthi mhlawumbe iBanyana seyidinga omunye umqeqeshi, ozofika nemibono ehlukile. 

UPortia Modise, owayengumdlali weBanyana, ube ngomunye wabakhwela badilika kuDesiree Ellis, bethi akadedele omunye manje.

Usolwa kakhulu ngokuthi unokwenzelela uma eqoka iqembu, akabafuni abadlali abangase baphule amarekhodi akhe. 

“Cha cha, cha, ikusasa lakhe livikelekile,” kusho uJordaan kwabezindaba ngemuva komhlangano weSafa ngempelasonto.

 “Uyakubona okwenzeka eqenjini… Namuhla iqembu liyawina, abantu baseNingizimu Afrika bajabule kakhulu.

“Kusasa iqembu liyahlulwa bese befuna ukudiliza konke, bacekele phansi yonke into bese bezibuza ukuthi kungani singayi phambili. 

“Kumele sikhululeke nje, siqonde ukuthi ibhola liwumdlalo lapho kuba khona amaqembu amabili enkundleni nelilodwa okumele lihlulwe ikakhulukazi kowamanqamu.

“Kugcina kushaywe namaphenathi ngoba kumele kube nomphumela. Elinye kumele liwine, elinye lihlulwe. 

“Kumele elilodwa lilahlekelwe yithuba lokuya kuma-Olympics futhi bekungamele kube  yiNingizimu Afrika. 

“Kodwa nakuba kubuhlungu, kufanele sikuqonde lokho futhi siye phambili sakhe,” kusho uJordaan.