IChiefs iyamthungatha umqeqeshi, alikaveli elikaPitso
SIHLE NGUBO
Kuvela ukuthi uPitso “Jingles” Mosimane uyinyama emaqenjini asenhla ne-Afrika kulandela ukuvela kwemibiko yokuthi iyanqanyulwa inkontileka yakhe eqenjini lase-UAE, i-Al Wahda.
UMosimane akaqalanga kahle kuleli qembu nokwenze ukuthi abaphathi bagcine beshaya amakhala.
Lo mqeqeshi owazakhela igama kwiMamelodi Sundowns ne-Al Ahly, okungamaqembu awine nawo iCaf Champions League, kuthe uma kuvela ukuthi uzoxoshwa kwaba nokukhuluma okuningi ezinkundleni zokuxhumana.
Ngaphandle kokuvela kokuthi kukhona amaqembu ambhekile enhla ne-Afrika, abalandeli beChiefs babona kuyithuba elihle lokuthi kulandwe lo mqeqeshi azobuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.
Uma kungaya ngokwesifiso sabalandeli baMakhosi uMosimane angafike asebenze noCavin Johnson okunguyena obambe isikhashana kwiChiefs njemqeqeshi.
Laba bobabili bake basebenza kwi-Al Ahly lapho bewine khona iChampions League.
Umthombo weMpempe ongaphakathi eNaturena uthe nakanjani bayamthungatha umqeqeshi.
Kodwa ubungakezwa kukhulunywa ngoMosimane ngoba usanda kuxoshwa.
Uthembise ukubeka indlebe bese usipotshozele ukuthi baswebeza ziphi emahhovisi.
Nokho ayaqina amahlebezi athi iZamalek yase-Egypt imfuna uthuli uMosimane.
Ike yazama ukuthola lo mqeqeshi ngaphambi kokuthi ayosayina eqenjini lase-UAE.
FUNDA NALA: Sicikwe elokuthi iPirates izozicija ngathi
Ngabe iChiefs izowungena umjaho wokusayinisa uMosimane? Hlala la kwiMpempe, sizokutholela zishisa.