EzakamuvaIbhola

UNgezana uvuke ngendondo yakhe yokuqala eRomania

USiyabonga Ngezana, owayengumdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uthole ukuhlonishwa okukhulu eRomania la asedlala khona. 

Lo mdlali oneminyaka engu-26, usengomunye wabadlali abaqala imidlalo kwiFCSB kulandela isiqalo esingesihle.

Kukhona isikhathi la abaphathi beqembu base bekungabaza ukuthi bathathe isinqumo esiphusile ngokulanda lesi sitobha. 

Kodwa konke lokho sekufana nomlando njengoba uNgeza eqhubeka nokukhula kuleli qembu lakhe elisha. 

UNgezana usanda kuhlonishwa okokuqala ngendondo yakhe kulandela ukuqokwa njengoMdlali oVelele emzuliswaneni wokuqala kwiBetano Cup. 

Lokhu kuklonyeliswa kwakhe kumfanele njengoba eze washaya negoli esiza iFCSB ishaya iBihor ngo 2-0. 

Bekuyigoli lakhe lukuqala kuleli qembu. Naseqenjini lakhe elidala, iKaizer Chiefs, ubenakho ukushaya amagoli ngekhanda uma kushaywa amakhona. 

Ekhuluma nezintatheli ngemuva kwalo mklomelo wakhe, uNgezana uveze intokozo yakhe. 

“Indondo yami yokuqala lena eRomania, futhi kuyangijabulisa ngenxa yokuthi ikhombisa ukubonakala komsebenzi wami. 

“Ngibonga nozakwethu ngoba le ndebe bebingeke ngibe nayo ngaphandle kwabo. 

“Ngithanda ukubonga ithimba labaqeqeshi ngeqhaza labo ekuthuthukeni kwami,”  kusho uNgezana. 

Uphinde waveza izifiso zakhe, wathi, “Ngimagange ukuzuza impumelelo neqembu lami elisha.

“Njengamanje sihamba phambili kwiSuperliga futhi sisakhona nasendebeni. 

“Ngizimisele ngokunikela ngakho konke kuyo yonke imidlalo engiyidlalayo. 

“I-Romanian Cup ibaluleke kakhulu, hhayi kimina kuphela kodwa naseqenjini nje lilonke nakubalandeli bethu. 

“Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuyivikela. Ukunqoba okuthile neqembu yisifiso esiphambili kimi.” 

FUNDA NALA: IChiefs iyamthungatha umqeqeshi, alikaveli elikaPitso 

Kusukela ejoyine iFCSB esuka kwiKaizer Chiefs ngoJulayi, uNgezana usedlale imidlalo eyisishiyagalolunye, nokusho ukuqala kohambo olubukeka luthembisa e-Europe.