EzakamuvaIbhola

Inhlanhla ibuzwa kuVincent Kompany okhonjwa kwiBayern  

Isimo azithola ekusona uVincent Kompany, oqeqesha iBurnely yase-England, siveza ukuthi baqinisile abathi izinhlanhla zabantu azifani nhlobo, neselesele lake layizeka le ndaba, ngokusho kwabadala. 

UVincent Kompany, owayengukaputeni weManchester City, usanda kudliwa yizembe kwi-English Premier League (EPL) neBurnely, kulandela ukuqeda endaweni ka-19 kwilogi.

Nokho kuvela ukuthi lo mqeqeshi usenyelwe yinyoni esandleni, njengoba kulindeleke ukuthi amenyezelwe njengomqeqeshi omusha weBayern Munich edlala kwiBundesliga, eGermany.

“UVincent Kompany uphakathi kwabaqeqeshi (okuzokhethwa kubona) futhi kubukeka kunguyena ohamba phambili,” kusho uFlorian Plettenberg weSky Germany.

Kuvela ukuthi izingxoxo phakathi kweBurnely neBayern Munich seziyela ngasekupheleni, futhi uKompany kade avuma ukuthi uzoya ukuyoqeqesha leli qembu elikhulu kwiBundesliga.

Uma kugcina kunjalo uzovala isikhala sikaThomas Tuchel, okungamhambelanga kahle kuleli qembu njengoba lihlulwe yisicoco seligi ne-Uefa Champions League.

UKompany kuthiwa ubefunwa yiChelsea esanda kuhlukana noMauricio Pochettino. Akwaziwa noma uTuchel, oke wayicija iChelsea, angazithola ebuyela kuyona yini.