EzakamuvaIbhola

UPule uveza ixhwala ngokweqiwa yijezi kwiBucs

UVincent Pule ukhala esikaNandi ngokulimala okumqhathe nokweqiwa yijezi kwi-Orlando Pirates. 

Lo mdlali wasesiswini ongomunye wabangaconsi phansi kubalandeli, usanda kubuya ekulimaleni kodwa nakhona kusenzima ukuthola ijezi. 

Ekhuluma neMpempe ngemuva komdlalo wePirates neRichards Bay eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto, uPule ukhale ngokuthi namanje eseluleme kusenzima ukngena eqenini. 

“Ngiyiqale kabi isizini ngokudunwa imoto yami. Lokho kudale ixhwala enhlizweni yami,” kusho lo mdlali. 

“Namanje ngisho ijezi liyangeqa, kodwa ngisebenza kanzima ukuguqula isimo sempilo yami. 

“Okuhle wukuthi nabaqeqeshi bayangiseka ngokunjalo nabadlali bonke be-Orlando Pirates,” kusho uPule. 

Lo mdlali uliqale kwi-African Warriors eyayidlala kwiFirst Division kudala. Wabe esebonwa uGavin Hunt, owamlethwa kwiBidvest Wits

Ufike kwiPirates washisa kakhulu njengoba esengomunye wezethenjwa kuleli qembu. 

Ekubuyeni kwakhe ekulimaleni ufice uPatrick Maswanganyi – ojoyine leli qembu kule sizini esuka kwiSuperSport United – edlala kahle kakhulu. 

Okunye okumbambezelile ekubuyeleni eqinjini uPule wukuthi welulame ngesikhathi esifanayo noThembonkosi Lorch osengenile eqenjini eliqala imidlalo. 

Indawo uyibanga noLorch, Monnapule Saleng, Karim Kimvuidi, Lesedi Kapinga noRelebohile Mofokeng.

UPule uzobe engomunye wabadlali ababhekiwe uma iPirates seyibhekene neSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership. 

FUNDA NALA: Akenelisekile uyise ngendlela ashone ngayo uBongi Ntuli

Lamaqembu adonsa kanzima azogadulisana e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 kusihlwa.