Ziyanda izinkinga zikaNabi kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Phezu kwezinkinga zokuhluleka ukunqoba imidlalo iKaizer Chiefs, izithola inenqwaba yabadlali abalimele njengoba kuqhubeka imidlalo yeBetway Premiership.
Amakhosi agcine ethelwe othulini yiPolokwane City ngo 2-0 emdlalweni wePremiership ngempelasonto edlule. Nokho izinkinga zomqeqeshi uNasreddine Nabi zibukeka zanda eNaturena.
IChiefs izobhekana neTS Galaxy koweligi ngoMsombuluko. Izoya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali abayisithupha ababalulekile.
Kulaba badlali kukhona u-Edson Castillo, uNkosingiphile Ngcobo, uGaston Sirino, uDillan Solomons, uBradley Cross noBrandon Petersen.
UCross ulimale bebhekene nePolokwane City kwangena uThatayaone Ditlhokwe endaweni yakhe. Akucaci ukuthi isimo sinjani kuBongani Sam okwazi ukudlala emuva kwesokunxele, naye obelimele ngesikhathi kuqala isizini.
Ezintini kulindeleke ukuthi kuvimbe uBruce Bvuma okokuqala kule sizini emdlalweni osemthethweni. UFiacre Ntwari naye ubethentekile kodwa kuvela ukuthi useluleme.
UNabi uzojabulela ukubuya kukaReeve Frostler emuva kwesokudla. Lo mdlali ubedonsa isigwebo sekhadi elibomvu alithole bebhekene neRichards Bay FC.
Ngasohlangothini lweRockets nayo izoya kulo mdlalo engekho uMarks Munyai, uMlungisi Mbunjana noThato Kiba, abadonsa izigwebo zamakhadi.