Ibhola

UMaluleka angagxekwa ngokulaxaza iChiefs, akhethe imali kwiDowns?

SIHLE NGUBO

UGeorge Maluleka ungomunye walabo badlali abayohlale benyamanambana kubalandeli beKaizer Chiefs, kulandela ukushiya kwakhe leli qembu ngo-2020.

Lo mdlali wasesiswini wayeshaya into ecokeme kuMakhosi ngaleso sikhathi, futhi iqembu lalenza kahle kakhulu emidlalweni yeligi. Empeleni iChiefs yayibukeka izosinqoba isicoco seligi kodwa kwagcina kungenzekanga lokho.

Inkontileka kaMaluleka neChiefs yayizophela ngoJuni ka-2020. Iqembu lazama ukuba nezingxoxo nalo mdlali mayelana nokuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emibili.

Nokho kwagcina kungavunyelwananga kwase kuvela ngoMashi ukuthi uMaluleka wayesesayine inkontileka yesibambiso neMamelodi Sundowns. Imidlalo yePremieship yaphazanyiswa yiCovid-19, yangaphela ngesikhathi okwakumele iphele ngaso ngoMeyi.

Abadlali ababephelelwa izinkontileka ngoJuni babevunyelwe ukuhlala emaqenjini ababekuwona kuze kuphele isizini ngoba kwakubhekelelwa ukuthi isimo sasiphazanyiswe yiCovid-19. Nokho uMaluleka wayishiya iChiefs ingakapheli isizini, wajoyina iSundowns.

Emidlalweni eyadlalwa ngemuva kwalokho iChiefs yalahla amaphuzu kwaze kwavaleka igebe eyayilivulile phakathi kwayo neSundowns. Abalandeli beChiefs namanje bakholwa ukuthi ukuhamba kukaMaluleka kwalikhinyabeza kakhulu iqembu.

Lo mdlali akadlalanga imidlalo eminingi kwiSundowns nokuholele ekutheni agcine eye kuMaZulu FC. Nakhona izinto zifike zangahlangana kahle wagcina ehlukene neqembu ekupheleni kwesizini edlule.

Muva nje uMaluleka usanda kuphumela obala ngokuthi kungani ashiya iChiefs ayefike kuyona ngo-2014. 

“Ngangizijabulela izinsuku zami zokudlala kwiKaizer Chiefs. Kodwa injabulo nokuthembeka akukukhokheli izikweletu, futhi umsebenzi wokudlala ibhola mfushane kakhulu,” kusho uMaluleka ngoJulayi.

“Isizathu esenza ngishiye iChiefs ngiye kwiSundowns, ukuthi babengithembisa inkontileka eyayiconsisa amathe. Umholo wami wawuzophindwa kathathu kulokho engangikuthola kwiChiefs.

“Engakuthenjiswa yiSundowns kwakukuhle kakhulu ukuthi ngangingakuziba, kubalwa namabhonasi uma ninqobile. ISundowns yayingikhokhela kancono kuneChiefs yikho nje ngayijoyina.”

UMaluleka akanalo iqembu njengoba kuzoqala isizini entsha. Kuvela ukuthi imenenja yakhe iyamzamela futhi bazivulile izandla nakuyona iChiefs uma imdinga.

Ngabe lo mdlali kumele agxekwe ngokulaxaza iChiefs, akhethe ukuyohola imali engcono kwiSundowns?