Useshiye isigubhukane nakwiChippa uVilakazi
IChippa United seyimemezele ukuthi uVusumuzi Vilakazi, obeqashelwe ukuphatha ithimba labaqeqeshi kuleli qembu, usesulile emsebenzini.
UVilakazi ubesanda kufika kuleli qembu kulandela ukushiya isigubhukane kwiGolden Arrows la abengumqeqeshi khona ngokubambisana noMabhuti Khenyeza.
Kwathi kungakapheli sikhathi esitheni eshiyile kwi-Arrows, waqashwa yiChippa la abesebenzisana khona noMorgan Mammila.
Ubesebhentshini noMammila ngesikhathi iChippa iguqiswa yiCape Town Spurs emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.
“IChippa United FC ifisa ukumemezela ukuthi uMnuz Vusumuzi Vilakazi usesulile esikhundleni sakhe sokuba ngumqondisi wezokuqeqesha.
“Yize isikhathi sakhe eqenjini sibe sincane kunobekulindelekile, siyasihlonipha isinqumo sikaVusumuzi sokusjiya,” kusho iChippa esitatimendeni.
“Isinqumo sikaMnuz Vilakazi sisimangazile njengoba besibheke ukuba naye isikhathi eside, sincele olwazini lwakhe.
“Nokho siyasihlonipha isinqumo sakhe sokuyoqhuba umsebenzi wakhe kwenye indawo.
FUNDA NALA: Ezishaqisayo ngesifo esihlasele uLyle Foster weBurnely
“Siyambonga uMnuz Vilakazi ngomsebenzi wakhe eqenjini, futhi sisivala ngokuvumelana nangokuhloniphana lesi sahluko.”