EzakamuvaIbhola

‘Bekunedimoni lempi’ ebholeni lakuleli ngempelasonto

Bekuyimpelasonto yezigigaba lapho kukhuphuke khona imimoya emidlalweni ehlukene yebhola eNingizimu Afrika.

Ukushuba kwesimo kuqale ukubonakala  ngesikhathi iKaizer Chiefs ithelwa othulini yiRichards Bay FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.

Ngesikhathi iNatal Rich Boyz seyihamba phambili ngo 1-0 kuphume ibhola ngasemapalini leChiefs, lapho bekuvimbe khona uBruce Bvuma.

Umfanyana olanda ibhola unqume ukudlala nalo nozinti ‘umacashelana’ engafuni ukumnika ibhola ukuze alisuse ngokushesha.

Lesi senzo simcike kakhulu lo nozinti ozwakale kwithelevishini ethi kulo mfana: “Ngizokushaya ngempama wena mfana.”

Kubonakele ukuthi uBvuma ubedinwe kakhulu ukubanjezelwa yilo mfana ekubeni bebezama ukuthola igoli lokulinganisa.

Kungenelele unompempe okhombe lo mfana indlela ethi akasuke ngemuva kwepali likaBvuma lapho ebemi khona ukuze alande ibhola.

Lo mkhuba sewandile kubafana abalanda ibhola kwiDStv Premiership, kanti bawenza uma iqembu labo liwina.

Kwake kwaba nokukhuluma ngesikhathi uThabang Monare we-Orlando Pirates ededela impama kumfana olanda ibhola, ngakho belu ukuthi wayegoloza nalo (ibhola).

Kunenkolelo yokuthi abafana abalanda ibhola bafundiswa amaqembu ukuthi bachithe isikhathi uma kungelasekhaya elisuke lihamba phambili.

Ngaphandle kokuchitha isikhathi inhloso ukuphazamisa umgqigqo weqembu elisuke lilandela ngemuva lapho lisuke lizama ukuqhubeka nokuhlasela ngokushesha.

Zikhona nezinye izigameko lapho laba bafanyana sebeke baxoshwa onompempe ngakho ukufuna ukuchitha isikhathi nokudlala umaceshalana ngebhola nabadlali beqembu elisuke livakashile.

Kwesinye isigameko kukhale amavelemane ngesikhathi kubhekene iRoyal AM neLindelani Ladies, emdlalweni weHollywoodbets Super League, ePrincess Magogo Stadium ngalo iSonto.

Lo mdlalo ubuvezwe bukhoma kwiSABC ngakho lokhu kubhudubezana kubonwe umhlaba wonke.

ISafa ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko, izwakalisa ukungenami ngokwenzekile, yathembisa ukuthi izoluphenyisisa lolu dada.

Akugcinanga lapho ngoba nasemdlalweni weTS Galaxy neStellenbosch FC, sike sasuka esinamathambo. 

Lo mdlalo weDStv Premiership ugcine uphele ngo 2-1 kuwina iStellenbosch. 

Nokho okususe umsindo ukuthi unompempe ukhombe iphenathi (eyinika iTS Galaxy) kodwa ngemuva kokuxoxa nomsizi wakhe wathi akuyona.

Abadlali beTS Galaxy bebengayizwa indaba yokuthi kushintshe isinqumo yize kde seyikhonjiwe iphenathi.

Kube nokuhilizisana okubi nakubaqeqeshi, uSead Ramovic uvinjwe esho ukuzifikela mathupha kuSteve Barker.