Okwenza imidlalo yomkhaya ibaluleke ebholeni
Uyathanda noma awuthandi, ebholeni zimbalwa izinto ezijabulisa, nezenza inhliziyo ishaye mawala njengomdlalo womkhaya.
Le midlalo ayiyona imidlalo nje, kodwa iyizimpi ezishubile ezibalulekile kulo mdlalo kanobhutshuzwayo.
Ake sibheke ukuthi kungani imidlalo yomkhaya ibalulekile, sibheke neminye emikhulukazi emhlabeni.
Umdlalo womkhaya: indumzezulu yomcimbi webhola
Imidlalo yomkhaya ihambisana nokuzigqaja, ukuzibophezela nobutha bomkhaya. Ixabanisa omakhelwane, ixabanise nabangani, kube yindumezulu yebhola.
Nakhu okwenza le midlalo yomkhaya ibaluleke:
- Ubutha bomkhaya: Umongo wemidlalo yomkhaya ubutha bomakhelwane, bebanga ukuthi yimuphi ongcono kunomunye.
Ukunqoba lo mdlalo kuyenzeka kubaluleke ukudlula indebe kubalandeli bamaqembu ayizimbangi kuwo. Okubalulekile wukuba yingqwele yangakini.
- Umuzwa wasenkundleni: Umuzwa oba senkundleni ngosuku lomdlalo womkhaya ngeke uwuqhathanise nomunye.
Abalandeli basuke bevunule, becula, bechizelene okwenza usuku lube ngolungakhohlakali kwabasuke bekhona enkundleni.
- Ayiqageleki imidlalo yomkhaya: Kholwa yifomu, imidlalo yomkhaya ngeminye yemidlalo okunzima kakhulu ukuyiqagula ebholeni.
Ifomu ayisebenzi, futhi kungenzeka noma yini. Iqembu elibhekiwe ukuyenzeka liphume lidangele, kuthi ebelingatshwazwa liphume ligiya.
- Ingcindezi kubadlali: Isuke iphezulu ingcindezi kubadlali. Hhayi ukuthi benze kahle kuphela, kodwa neyokuthi bangawenzi amaphutha azodlisela iqembu.
Umdlali nomdlali usuke azi ukuthi angaphuma eyiqhawe noma eyisitha kulo mdlalo.
- Izigigaba ezingakholakali: Imidlalo yomkhaya ivamise ukuba nezigigaba ezihlale zikhumbuleka – kungaba ezinhle noma ezimbi, kuya ngokuthi ukuliphi uhlangothi.
Akuthusi ukuthi kuphume amakhadi abomvu noma kube namagoli angena ngemizuzwana yokugcina kule midlalo.
Ukukhuluma iqiniso nje, imidlalo yomkhaya ifana nenhliziyo ephampa igazi ebholeni.
Le midlalo ihlanganisa imiphakathi, ifake abadlali ugqozi olwengeziwe futhi ishiye abalandeli nezinkumbulo ezingalibaleki.
Ngakho ebholeni, kungaba i-El Clásico yaseSpain, eyaseManchester noma idabhi yaseSoweto, lena yimidlalo okungamele ikuphuthele .
FUNDA NALA: UMaart useyilungele iPirates ake wayigila esengubo
Idabhi yaseSoweto – edlalwe yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates – ikule mpelasonto eFNB Stadium la kulindeleke abalandeli bagcwale phama.