EzakamuvaIbhola

ISafa iphawula ngemibiko ekhomba uBroos eTunisia

Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (iSafa) isiphinde yakuqinisekisa ukuzibophezela kwayo ekugcineni umqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos. 

ISafa iyakuchitha ukuthi lo mqeqeshi uzoshiya kuleli qembu aye kwelaseTunisia maduze nje. 

Ngokombiko weMosaïque FM yaseTunisia, uBroos kuthiwa kumanje ufuna izindlela zokunqamula inkontileka yakhe neSafa ukuze ajoyine iqembu lesizwe laseTunisia.

UBroos uhole iBafana Bafana yafinyelela eqophelweni eliphezulu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eminyakeni engu-24. 

Leli qembu libuye nendondo yethusi okokuqala ngemuva kweminyakanyaka kanti kumanje lise-Algiers la liyodlala khona umdlalo weFifa eeStade Nelson Mandela ngoLwesibili ebusuku.

Ngesikhathi kunesithangami sabezindaba nezintatheli zaseNingizimu Afrika ngaphambi komdlalo wokuqala weBafana e-Algeria, u-Broos ubuziwe ngale mibiko ekhona ngekusasa lakhe. 

“Akukho lutho,” kusho lo mqeqeshi oneminyaka engu-71 ngaleso sikhathi. 

“Ngasho ngemuva kwe-Afcon ukuthi uma wenza kahle neqembu kukhona abazokuhalela njengomqeqeshi.

“Ngizwe amahlebezi okuthi i-Algeria iyangifuna, iTunisia nayo izimisele ngami namanye amaqembu… Kodwa futhi azikho izingxoxo.”

Inhloko yezokuxhumana kwiSafa, uMninawa Ntloko, naye ose-Algeria neBafana, utshele iSowetan ngoMsombuluko ukuthi isimo asishintshile ngalo mqeqeshi.

“Akukho okushintshile kulokho umqeqeshi akutshela izintatheli esithangamini sabezindaba ezinsukwini ezimbalwa ezedlule,” kusho uNtloko.

Nokho umfokaNtloko uthe ngeke akwazi ukuphawula kakhulu ngalolu daba.