EzakamuvaIbhola

Sipho Chaine! Unozinti weBucs ube yi-‘Lembe’ behlula iDowns

Njengoba bekunombango ngokuthi ngubani Ilembe langempela koMaskandi KwaZulu, unozinti we-Orlando Pirates uvele wasithatha kwangesakhe lesi sicoco. 

UChaine ube yiqhawe lePirates ngesikhathi inqoba iMTN8 okwesibiili kulandelana ngoMgqibbelo kusihlwa. 

Akabanga ke nje yiqhawe lePirates kuphela, kodwa nawo wonke amanye amaqembu abengayifiseki okuhle iSundowns ngezizathu ezihlukene. 

Uvimbe amaphenathi amathathu kulandelana ukuze asize iBucs iphinde inqobe le ndebe. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, ubuziwe ngamaphenathi awavimbile, kodwa wathi naye akazi kwenzeke kanjani.

“Angazi nami. Nami ngazi baba Msibi, ngingasho ngithi siyababheka abadlali abashaya amaphenathi, kodwa namuhla nami angazi,” kusho uChaine ngemuva komdlalo.

Umdlalo uqala bezishukana impela futhi kucaca ukuthi kuhlangene izingqwele, ingekho efuna ukuphuma nomopho. 

Amathuba ziwatholile zombuili futhi bezingawunqoba umdlalo ungakafiki esikhathiniesengeziwe, kodwa ibhola belingekho emuzweni wokuya enethini. 

Unozinti wePirates, uSipho Chaine nguyena ovimbe amabhola amaningi abebukeka eyingozi, ekuveza ukuthi kungani uJose Riiveiro emethemba kangaka. 

Nasesikhathini esengeziwe ziqhubekile nokuhlaselana ngokungesabi kodwa amagoli athi nje kwagogo eZola, kwazisholo uMapensela. 

ISundowns kodwa izosola onompempe ngokuthi bayincishe kakhulu njengoba kube kathathu ibona ifanelwe iphenathi, kodwa unompempe wathi lutho. 

Ike yalibeka nasenethini ibhola, kodwa kwavela ukuthi bekukhona umdlali wayo obesesendaweni engamfanele ngaphambi kokuthi ibhola liqabule inethi. 

FUNDA NALA: ‘Dedel’abanye,’ kusho uKhuzwayo ku-Itumeleng Khune kwiChiefs

Kube sekuyiwa phansi kwepali la uChaine efike waba yiqhawe, evimba amaphenathi amathathu kulandelana.