EzakamuvaI-CAF Confederation Cup

OweChiefs ucacisa ngabalimele ngaphambi komdlalo weCAF

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs izobhekana ne-AS Simba yaseDemocratic Republic of Congo, emdlalweni weCAF Confederation Cup, ngaphandle komdlali wayo omqoka othinteke phakathi nesonto.

Umqeqeshi waleli qembu laseNaturena, uCedric Kaze, ukuqinisekisile ukuthi kukhona abadlali abalimele, nalabo ababambe uMoya ngabo, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu.

IChiefs izokwamukela i-AS Simba emlenzeni wesibili weConfederation Cup, eDobsonville Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Umlenze wokuqala uphele ngo 0-0 eLubumbashi ngeledlule, nokuchaza ukuthi iChiefs kumele ishaye amagoli ngeSonto ukuze idlulele emidlalweni yamaqoqo kulo mqhudelwano.

Nokho kuzodingeka yenze lokho ngaphandle kukaKhanyiso Mayo, odonseke umsipha bebhekene neSiwelele FC emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu.

“Esinesiqiniseko sako njengamanje ukuthi uMayo ngeke abe khona kulo mdlalo ngemuva kokudonseka umsipha emdlalweni odlule,” kusho uKaze.

“Sisazobheka siphinde sihlole u-Inacio Miguel, olimale ngesikhathi sekhefu sibhekene neSiwelele.

“Sizosibheka isimo sakhe namuhla kanjalo nakusasa, ukubona ukuthi uzodlala yini. Singabaqeqeshi siqine idolo ngaye.”

Nokho izindaba ezinhle ezithi uGiven Msimango usebuyile uziqeqesha neqembu, ngemuva kokuhlala izinyanga eziyisithupha ungadlali.

“Ngaphandle kwalokho u-Ethan (Chislett) akewona umqemane ngokwanele. Uqalile ukuziqeqesha kodwa akumele athintane nabanye abadlali,” kuqhuba uKaze.

“UGiven useziqeqeshe isonto nabanye ngemuva kokungabi sensimini izinyanga eziyisithupha.

“UPaseka Mako akakazukwazi ukudlala kodwa abanye abadlali beqembu benza kahle. UFlavio (Day Silva) ubeziqeqesha nabanye ezinsukwini eziyishumi ezedlule, futhi sinesiqiniseko ukuthi usekulungele ukudlala.”

IChiefs inenkinga yokushaya amagoli kulezi zinsuku njengoba idlale ngokulingana neSiwelele FC ngo 0-0 phakathi nesonto.

Kuzodingeka izame ngakho konke ukuthola amagoli ngeSonto ukuze idlulele esigabeni esilandelayo seConfederation Cup.