Ezakamuva

Ngabe owayekwiChiefs wadlala imizuzu engu-90 engalithintanga ibhola?

SIHLE NGUBO

Uma kukhulunywa ngoThomas Sweswe owake wadlalela iKaizer Chiefs, abanye bakhumbula amahlebezi angaqinisekisiwe okuthi wadlala imizuzu engu-90 engazange alithinte ibhola.

Lo mdlali wasemuva wadlalela iChiefs, iBidvest Wits neBlack Leopards eNingizimu Afrika. Kunenkulumo yokuthi esadlalela iChiefs wake waba khona enkundleni imizuzu engu-90 yonke kodwa lutho ukuthinta ibhola. Akuveli nokho ukuthi yimuphi lo mdlalo noma iChiefs yayibhekene naliphi iqembu ngesikhathi kuqopheka leli rekhodi elithusa kangaka.

Nokho lo mdlali wake wacashunwa yiFARPost ekuphika lokhu ngo-2020.

“Amanga lawo mfowethu, yinto engazange yenzeke. Ucabanga ukuthi kungenzeka into efana naleyo ebholeni elikhokhelayo,” kuphawula uSweswe.

“Kukhona nje umuntu othile obhala lokho ukuze ahudulele phansi igama lami.”

USweswe wathi labo abasho lokhu kumele baveze ukuthi iChiefs yayidlala naliphi iqembu ngesikhathi kwenzeka. Mancane amathuba okuthi umdlali wasemuva angadlala imizuzu engu-90 yonke kodwa angalithinti nakanye ibhola.

Omunye umbuzo okhona owokuthi umqeqeshi wayengamkhiphi ngani uma kungukuthi wayephambana nebhola? Kungani amgcina enkundleni kwaze kwaphela umdlalo?

Lo mdlali, osewawagaxa emgibeni amakhokho noneminyaka engu-42, udlale imidlalo engu-71 egqoke imibala yeChiefs phakathi kuka-2009 no-2012.