EzakamuvaIbhola

UJohnson ufuna baqine ngokomqondo abeKaizer Chiefs

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson ulibona lifike ngesikhathi esihle kakhulu ikhefu lemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa. 

Ngemuva kokushaywa kwezakhe ngo 1-0 yi-Orlando Pirates kwidabhi yaseSoweto eFNB Stadium ngoMgqibelo, uJohnson uthi leli khefu yithuba elihle lokuphucula iqembu lakhe. 

Yize behluliwe, iqembu likaJohnson lidlale ngendlela ethembisayo, futhi kwayena uthi limumangazile impela. 

“Bekuwumdlalo wezigaba ezihlukene. IPirates iqale ngamandla futhi yathola igoli emizuziwni engu-20 yokuqala,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo. 

“Nakhona lapho kube nephushana ngaseqenjini lami. Kodwa noma kunjalo, ngicabanga ukuthi sikwazile ukubabamba ezikhawini ezimbalwa. 

“Besingcono esiwombeni sesibili. Ngibone sengathi bekunephenathi esincishwe yona, saphinde sashaya ipali.”

IKaizer Chiefs beyisingcono esiwombeni sesibili futhi uJohnson uzivumele ukuthi ukube bebengatatazeli, ngabe kukhona okungcono abakutholile. 

“Iqembu lami lidlale kangcono kunebengikulindele namuhla. Kukhona la bengibona ukuthi ukube sidlala ngokungatatazeli, sidlale ngendlela yeKaizer Chiefs uma sihlasela, besizodlala ngokulingana noma sinqobe.” 

Okuhle ke kuJohnson wukuthi uzoba okungenani namaviki amabili okuqinisa amabhaqodi awabona exega. 

“Kodwa ke ibhola linjalo, namuhla sihluliwe. Siya ekhefini leFifa futhi sinomsebenzi omningi okumele siwenze nabadlali bethu. 

“Uma udlalela iChiefs, kufuneka unique ngokomqondo. Iqembu likuqasha ngoba unekhono, kodwa nangokomqondo kumele ube kwelinye izinga. 

“Kumele ke sibabeke kulelo zinga la kuzothi uma kuvela amathuba adinga bakwazi ukwehlisa umoya, bakwenze kahle lokho ukuze basebenzise amathuba ngendlela eyiyo.” 

FUNDA NALA: Ufunwa e-Egypt nase-Asia umdlali weRoyal AM

IChiefs isiyoze ibuyele enkundleni ngoNovemba 26, isiyobhekana nomkhaya bayo baseSoweto iMoroka Swallows emdlalweni weligi.