UStanely Nwabali uvuma eyokulala bezwile besuthi iBafana
SIHLE NGUBO
Unozinti weNigeria, uStanley Nwabali, uthi akananxa neNingizimu Afrika futhi uyayithanda njengoba nabalandeli bakhona bemthanda.
UStanley Nwabali uvimbela iChippa United edlala kwiDStv Premiership eMzansi.
Ube nesandla esikhulu ekutheni iBafana Bafana iphume kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, ezosongwa ngempelasonto e-Ivory Coast.
Lo nozinti uvimbe kahle kumaphenathi ngesikhathi iSuper Eagles ishaya iBafana Bafana ngo 4-2. Umdlalo uphele ngo 1-1 emizuzwini engu-120.
“Lona umdlalo engazalelwa ukuwudlala. Ubusuku engiyohlale ngibukhumbula lobu.
“Konke obekwenzeka ngikuzwe kahle,” kubhala uStanley Nwabali.
“Kancane kancane amaphupho ayafezeka. Nakanjani bekungumdlalo wamagqubu.
“Ngisayithanda iNingizimu Afrika njengoba nabalandeli bakhona bengithanda.
“Leli qembu (le Nigeria) ngilithanda ngenhliziyo yami yonke.”
Akwaziwa noma abalandeli bakuleli basamthanda yini uStanley Nwabali ngemuva kokushaywa kweBafana Bafana emdlalweni owandulela owamanqamu we-Afcon, yiNigeria.
Okunye okungase kuthele usawoti esilondeni, yisitatimende esikhishwe yiChippa ngaphambi kwalo mdlalo obubhekwe ngabomvu.
Usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi, ucashunwe efisela uStanley Nwabali neNigeria, okuhle kodwa njengoba kade izobhekana neBafana Bafana.
Lokhu kubacasulile abalandeli abaningi bakuleli, abakholwa wukuthi besingekho isidingo sokukhipha lesi sitatimende.
IChippa ithumele lesi sitatimende sesigxivazwe ukuthi siyinto engamampunge kodwa kwangaba khona ukuchaza okungale kwalokho.
Nokho abakuleli babone leli qembu libenza izingane ezisakhasa, ngoba isitatimende besiphanyekiwe emakhisini eqembu, kwiFacebook no-X (obewaziwa ngeTwitter. Babuye basisusa ngemuva kwamahora amabili.
Ngemuva komdlalo, iChippa iphinde yakugcizelela ukweseka kwayo uNwabali, ikhipha esinye isitatimende sokumbongela.
INigeria izobhekana ne-Ivory Coast, osokhaya, emdlalweni wamanqamu we-Afcon ngeSonto ebusuku.
FUNDA NALA:Â Idili lemidlalo yeNedbank Cup eKZN, ngabe indebe iza ekhaya?
Emdlalweni wokuhlunga iqembu elizophuma endaweni yesithathu kwi-Afcon, iBafana Bafana izobhekana neDemocratic Republic of Congo ngoMgqibelo.