EzakamuvaIbhola

Kubanjwe obezama ukuqhumisa inkundla ngebhomu koweDowns

Sekuvele izindaba ezishaqisayo ngomdlalo la iMamelodi Sundowns iqophe khona umlando iba ngompetha bokuqala be-African Football League. 

Kumdlalo obuseLoftus Stadium ePitori, iSundowns inqobe ngo 2-0 ishaya iWydad Athletic yaseMorocco. 

Lokhu kwenze kwaba ngu 3-2 uma sekuhlanganiswe imiphumela. Kodwa sekuvele ukuthi ucishe awangaqhubeka lo mdlalo. 

Sekuvele ukuthi kukhona umuntu obanjwe nebhomu okuthiwa ubezama ukulicupha ngenhloso yokuthi liqhume kulo mdlalo. 

Lezi zindaba zivezwe umlandeli obekule nkundla, othi uzibonele ngawakhe lo muntu, base bembika emaphoyiseni. 

“Lo muntu uthathwe ngala ngihleli ngakhona enkundleni,” ubhale kanje lo mlandeli uMolatelo Gift Letsoalo. 

“Ubezama ukucupha ibhomu. Sithinte amaphoyisa ngokushesha, iLoftus ayiphephile.” 

Bekungakabi khona sitatimende esicacile esivela emaphoyiseni ngalolu daba futhi Impempe izolulandela ukuthola ubuqiniso balo. 

Lo mdlalo bewuhanjelwe yizicukuthwane eziphezulu okukhona kuzo nomengameli weFifa uGiovanni Infantino, nozakwabo weCaf uPatrice Motsepe. 

FUNDA NALA: Izinyembezi kwaboSuthu beshaya i-Arrows besemanzini

Ngokwezithombe ezifakwe uLetsoalo kwiFacebook, le ndoda ebaniwe isebenza ngaphansi kwabebehlela lo mqhudelwano we-AFL.