EzakamuvaIbhola

UJohnson nombono ngokungenza idabhi ihlabahlose

Njengoba efeze iphupho lakhe lakudala ecija iqembu emdlalweni omkhulukazi ebholeni lakuleli, uCavin Johnson unombono ongenza idabhi yaseSoweto ihlabahlose kakhulu kunakuqala. 

Akumhambelanga ke nokho kahle uJohnson njengoba ezakhe, iKaizer Chiefs zikhale ngaphansi kulo mdlalo ngoMgqibelo. 

Igoli lika-Evidence Makgopa alishaye emizuzwini engu-20 umdlalo uqalile eFNB Stadium, yilo elenze idabhi kaJohnson yokuqala yaba muncu. 

Noma kunjalo, lo mqeqeshi useqhamuke nombono wesinongo athi singawenza uthakaseleke kakhulu lo mdlalo ngokuzayo. 

Uthi uma kungahlaliswa ngokwehlukana abalandeli kulo mdlalo, kungacaca ukuthi kuhlangene izimbangi zokuqina. 

Kuvele ke sekuke kwavela phambilini ukuthi ukuhlala ngokuhlanganyelwa kwabalandeli yikho okwenza nasenkundleni lo mdlalo ubuye ube duma. 

“Kube kuhle kakhulu,” kusho uJohnson ngomuzwa wakhe ngemuva kwedabhi yakhe yokuqala. 

“Kukhona abebengibuza ukuthi ngabe angivevezeli yini. Kodwa uma ukulo mdlalo webhola, uma uzovevezela, mhalwumbe kumele ushiye ekuqeqesheni. 

“Kube wumuzwa omnandi impela. Kodwa ngokwami kufanele abeZimnyama bengahlala kolwabo uhlangothi, nabeZimpofana bahlale kolwabo.

“Lokhu kungenza kucace ukuthi ngubani onabalandeli abaningi enkundleni. Kungacacisa ukuthi ubani onamandla amakhulu.”

UJohnson uveze nokuthi ukucija iChiefs akunzima ngendlela abaningi abacabanga ngayo. 

“Yinto engiyizwa ilula kakhulu. Ngicabanga ukuthi ingcindezi isuka kini ( abezindaba). 

“Yebo, nabalandeli. Kodwa bona yingoba basuke befunde okubhalwe yini. 

“Ngicabanga ukuthi yingcindezi esuka ekutheni iqembu likhulu, futhi linabalandeli abaningi. 

FUNDA NALA: Kubanjwe obezama ukuqhumisa inkundla ngebhomu koweDowns

“Indlela abaningi ngayo yenza abantu bacabange ukuthi kunzima ukuqeqesha leli qembu, kanti lutho, akunjalo.”