EzakamuvaIbhola

Kwelulekwa uKhune ngokushiya iChiefs uma imbhayizisa

Lowo owayengunozinti weKaizer Chiefs, uWilliam Shongwe, ukholwa wukuthi kusekuningi  u-Itumeleng Khune okusamele akwenze ebholeni.

Inkontileka kaKhune neChiefs izophela ngoJuni kanti Amakhosi aseveze ukuthi lena kuzoba yinkontileka yakhe yokugcina njengomdlali kuleli qembu. 

Kodwa lo mdlali owayeyisihlabani kwiBafana Bafana usakholwa wukuthi usangadlala isizini eyodwa noma amabili.

UShongwe yena ukholwa ukuthi uKhune usengadlala iminyaka eminingi futhi useluleke lo mdlali oneminyaka engu-36 ukuthi ajoyine elinye iqembu uma iChiefs inquma ukungayivuseleli inkontileka yakhe.

“Kimina, ngicabanga ukuthi uKhune usaseqophelweni eliphezulu,” kusho uShongwe kwi-FARPPost.

“Abanye onozinti badlala baze bafinyelele ku-40… Uma livela ithuba, mina ngingathi kuye, ‘Hamba… hamba uyozibonakalisa kwelinye iqembu. 

“Uma iChiefs ikulahla, mhlawumbe awuseyona lento yona eyidingayo, hamba uyodlala ndawana thize ubone ukuthi kwenzekani’.

UShongwe uthi uKhune angaphinde azibonakalise futhi avelele kwelinye iqembu elihlukile.

Uthi lokhu kungenxa yokuthi engaba nelukuluku lokuzibonakalisa kwazise kwiChiefs ubesangadlali kangako futhi nefomu yakhe ingeyinhle. 

“Akukho ukungabaza ngekhono lakhe… Ngicabanga ukuthi ukusebenza nakho kukhuluma kakhulu; odabeni lukaKhune, kube nezikhathi lapho engazange enze ngendlela obekulindelekile ngayo.

“Njengomdlali uzibeka wena phezulu, abantu bazokwahlulela ngalokho. 

“Noma yini enye ibhekwa ngokuthi ukwehluleka; yileso simo uKhune azithola ekuso. 

“Manje sekumele azibonakalise… ngebhadi akukaze kwenzeke kahle lokho,” kuphetha uShongwe.

IChiefs kuthiwa isiqalile ukuthungatha ozovala isikhala sikaKhune. 

Abanye bonozinti okuthiwa ibheka kubo kukhona oweRichards Bay, uSalim Magoola noStanley Nwabali weChippa United.