Isela elingukufa seliphinde lagadla kwiPSL
UGeorge Chigova, obengunozinti weSuperSport United odabuka eZimbabwe, akasekho emhlabeni.
Lo nozinti ubeneminyaka engu-32 nje kuphela ngesikhathi sokushona kwakhe ngoLwesithathu.
Yize kungakacaci kahle ngokuthi uthathwe yini, kodwa kuvela ukuthi ubesenesikhashana exinekile.
Ngokwemibiko evela kwelakubo eZimbabwe, bekusanda kutholakala ukuthi unenkinga yesifo senhliziyo.
Kuvela ukuthi uqulekile ngoLwesithathu ekuseni, kwabuye kwaphela ukuthi usedlulile ngokuhamba kosuku.
Lokhu kwenzeke evele esesibhedlela la kuthiwa ubelashwa khona isifo senhliziyo.
UChigova waqala ukudlala ezigabeni ezikhokhelayo eZimbabwe kwiGunners, wabe esedlulela kwiDynamos.
Wafika kuleli ezodlala kwiSuperSport ngo-2014 kanti uke wathi qu emaqenjini ehlukene eLimpopo okukhona kuwo nePolokwane City.
Kodwa ngesizini ubuyele kwiSuperSport. Lo nozinti udlale kaningana eqenjini lesizwe langakubo iWarriors.
Ukushona kukaChigova kwenzeka ngemuva kwezinsukwana kushone owayengumqeqeshi weZimbabwe uRahman Gumbo, naye oshayeke phansi washona eBotswana.
Ngesikhathi sokushicilela iSuperSport beyingakakhiphi sitatimende ngalokhu kushona kukaChigova.
Kuleli, abebhola basesemanzini njengoba kusanda kushona uBongi Ntuli waMaZulu FC naye ogule isikhashana.
UNtuli ufihlwe kweviki elidlule kanti ushone ngemuva kokuxinwa wumdlavuza.
FUNDA NALA: UBobby usola abalandeli ngokupheka bethulula
Impempe idlulisa ukuwelana namalungu omndeni wakhe, abangani nozakwabo. Enga lingalala ngokuthula iqhawe.